Mathewu 19 - IsiZulu 2020Ukuhlalisana Kwabashadileyo ( Mak. 10:1 ; Luk. 16:18 ) 1 Kwathi uJesu eseqedile ukukhuluma lawo mazwi, wasuka eGalile, waya emingceleni eJudiya, phesheya kweJordani. 2 Izixuku ezinkulu zamlandela, waziphulukisa. 3 Kwase kusondela kuye abaFarisi, bamlinga bathi: “Kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo noma ngaliphi icala na?” 4 Waphendula, wathi kubo: “Anifundanga yini ukuthi owadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane, 5 wayesethi: ‘Ngenxa yalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo: labo ababili bayakuba nyamanye’ na? 6 Ngalokho-ke abasebabili, kodwa sebenyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, makungehlukaniswa muntu.” 7 Bathi kuye: “Pho uMose wayalelani ukuba akanikwe incwadi yesehlukaniso, alahlwe na?” 8 UJesu wathi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu, uMose wanivumela ukuba nehlukane nabo omkenu, kodwa-ke kwakungenjalo kusukela ekuqaleni. 9 Namanje ngithi kini: yilowo nalowo olahla umkakhe kungengenxa yokuphinga, bese eganwa ngomunye, uyaphinga. Nalowo oganwa ngolahliweyo uyaphinga.” 10 Abafundi bathi kuye: “Uma injalo-ke indaba yendoda nomkayo, kungcono ukungaganwa.” 11 Kepha wathi kubo: “Akusibo bonke abangalamukela leli lizwi, kuphela labo abakunikiweyo. 12 Ngokuba kukhona abathenwa abazalwa benjalo kwasesiswini sikanina; kukhona nabathenwa abathenwe ngabantu, futhi kukhona abathenwa abazithenileyo ngenxa yombuso wezulu. Okwazi ukukwemukela lokhu, makakwemukele.” UJesu Ubusisa Abantwana 13 Kwase kulethwa kuye abantwana ukuze abeke izandla phezu kwabo, abakhulekele, kodwa abafundi babakhuza. 14 Kepha uJesu wathi: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo.” 15 Wayesebeka izandla phezu kwabo, qede wasuka lapho. Insizwa Enothileyo ( Mak. 10:17 ; Luk. 18:18 ) 16 Nakho-ke sekusondela kuye othile, wathi: “Mfundisi, ngingenzani enhle ukuba ngibe nokuphila okuphakade na?” 17 Wathi kuye: “Ungibuzelani ngokuhle na? Munye kuphela omuhle, kodwa uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalelo.” 18 Wathi kuye: “Miphi na?” UJesu wathi kuye: “Yile: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga; 19 hlonipha uyihlo nonyoko; wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” 20 Insizwa yathi kuJesu: “Konke lokhu ngikugcinile, pho ngisasalelwe yini na?” 21 UJesu wathi kuyo: “Uma uthanda ukuba ngopheleleyo, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, yikhona uyoba negugu ezulwini, bese uza ungilandele.” 22 Kuthe insizwa seyilizwile lelo lizwi, yahamba ilusizi, ngokuba yayicebe kakhulu. 23 Kepha uJesu wathi kubafundi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini: kulukhuni konothileyo ukungena embusweni wezulu. 24 Futhi ngithi kini: kulula ukuba ikameli lingene ngembobo yosungulo kunokuba isicebi singene embusweni kaNkulunkulu.” 25 Sebekuzwile lokhu abafundi, bamangala kakhulu, bathi: “Pho ngubani-ke ongasindiswa na?” 26 Kepha uJesu wababheka, wathi kubo: “Kubantu lokhu akunakwenzeka, kodwa kuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka.” Umvuzo Wokuzidela ( Mak. 10:28 ; Luk. 18:28 ) 27 UPhethro wayesethi kuye: “Thina sishiye konke, sakulandela. Pho uyini umvuzo wethu na?” 28 UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: nina eningilandelayo, ezweni elisha, lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, nani niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi ezili-12, nehlulele izizwe ezili-12 zakwa-Israyeli. 29 Yilowo nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yegama lami, uyakwemukeliswa okuphindwe kayikhulu, adle ifa lokuphila okuphakade. 30 Kepha abaningi abangabokuqala bayakuba ngabokugcina, nabangabokugcina bayakuba ngabokuqala.” |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa