Mathewu 18 - IsiZulu 2020UJesu Ufundisa Ngokuthobeka Nangezikhubekiso ( Mak. 9:33 ; Luk. 9:46 ) 1 Ngaleso sikhathi abafundi basondela kuJesu, bathi: “Ngubani omkhulu embusweni wezulu na?” 2 UJesu wayesebiza umntwana, wammisa phakathi kwabo, 3 wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: uma ningaphenduki nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wezulu. 4 Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuzithoba njengalo mntwana, nguyena omkhulu embusweni wezulu. 5 Nalowo oyakwemukela umntwana onje abe munye ngegama lami, uyangamukela Mina. 6 “Kepha okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwa yimi, kungcono kuye ukuba itshe elikhulu lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, azikiswe ekujuleni kolwandle. 7 “Maye, kulo izwe ngenxa yezikhubekiso! Ngokuba izikhubekiso zimelwe ukufika, kodwa maye kulowo muntu esiza ngaye isikhubekiso! 8 Kepha uma isandla sakho sikukhubekisa noma ngabe wunyawo lwakho, kunqume, ukulahle. Kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uyingini noma ulunyonga, kunokuba uphonswe emlilweni ongunaphakade unezandla zombili nezinyawo zombili. 9 Uma iso lakho likukhubekisa, likhiphe, ulilahle. Ngokuba kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uneso elilodwa, kunokuba uphonswe esihongweni somlilo unamehlo omabili. 10 Qaphelani ukuba ningadeleli namunye kulaba abancinyane, ngokuba ngithi kini: izingelosi zabo ezulwini zibubona njalo ubuso bukaBaba osezulwini. 11 Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukuzosindisa okulahlekileyo.” Imvu Elahlekileyo Inceku Engenasihawu ( Luk. 15:3 ) 12 “Nicabangani ngalokhu na? Uma umuntu enezimvu eziyikhulu, bese kuduka eyodwa kuzo, akayukuzishiya yini ezingama-99 ezintabeni, ahambe ayofuna edukileyo na? 13 Kuthi lapho eyithola, ngiqinisile ngithi kini, uthokoza kakhulu ngayo kunangalezi ezingama-99 ebezingadukile. 14 Kanjalo-ke, akusiyo intando kaYihlo osezulwini ukuba kubhubhe noyedwa kulaba abancinyane. Ukubuyisana Nomfowenu Okonileyo 15 “Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa. Uma ekulalele, uyobe umzuzile. 16 Kepha uma engakulaleli, thatha abe munye noma babe babili, ukuze konke okuzodingidwa kuqiniswe ngomlomo wofakazi ababili noma abathathu. 17 Uma enqaba ukubezwa, tshela ibandla; uma engafuni ukulalela ngisho nalo ibandla, makabe njengowezizwe nomthelisi kuwe. 18 “Ngiqinisile ngithi kini: noma yikuphi eniyakukubopha emhlabeni, kuyobe kuboshiwe ezulwini; nanoma yikuphi eniyakukukhulula emhlabeni, kuyobe kukhululiwe ezulwini. 19 “Ngiqinisile futhi ngithi kini: uma ababili kini emhlabeni bevumelana noma ngaluphi udaba abalucelayo, bayakwenzelwa nguBaba osezulwini. 20 “Ngokuba lapho kuhlangene khona ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.” Inceku Engenasihawu 21 Kwase kusondela uPhethro, wathi kuye: “Nkosi, umfowethu uyakungona kuze kube kangaki ngilokhu ngimthethelela na? Kuze kube kasikhombisa na?” 22 UJesu wathi kuye: “Angisho kuwe ukuthi kuze kube kasikhombisa, kodwa kuze kube kama-70 aphindwe kasikhombisa. 23 “Ngakho-ke umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi, obethanda ukubala akukweletwa yizinceku zakhe. 24 Kwathi eseqalile ukubala, kwalethwa kuye omunye owayekweleta amathalenta ayizi-10 000. 25 Kepha engenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngaye, ngomkakhe, nabantwana bakhe nangakho konke ayenakho, ukuze kukhokhwe isikweletu. 26 Ngakho-ke inceku yawa phansi, yakhuleka kuyo, yathi: ‘Ake ungibekezelele, ngizakukukhokhela konke.’ 27 Inkosi yaleyo nceku inesihe, yayikhulula, yayithethelela icala. 28 “Kepha kwathi iphuma nje leyo nceku, yahlangana nenye yezinceku ezikanye nayo eyayiyikweleta odenariyu abayikhulu, yayibamba, yayiklinya, ithi: ‘Khokha lokho ongikweleta khona.’ 29 “Nokho inceku ekanye nayo yawa phansi, yayincenga yathi: ‘Ake ungibekezelele, ngizakukukhokhela.’ 30 Kepha ayivumanga, kunalokho yahamba yayifaka ejele, ize isikhokhe sonke isikweletu sayo. 31 “Izinceku ezikanye nayo zathi ukuba zikubone okwenzekileyo, zadabuka kakhulu, zahamba zayobika enkosini yazo konke okwenzekileyo. 32 Inkosi yayo yayibiza, yathi kuyo: ‘Nceku embi, ngikuthethelele isikweletu sakho ngokuba ungincengile. 33 Pho kungani wena ungayihawukelanga inceku efana nawe, njengalokhu nami ngikuhawukele na?’ 34 Inkosi yayo yathukuthela, yayinikela kubaphathi bejele, ize isikhokhe isikweletu sayo. 35 “Kanjalo-ke noBaba osezulwini uyakwenza lokho kini, uma ningathetheleli ngezinhliziyo zenu kube yilowo nalowo umfowabo.” |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa