Mathewu 12 - IsiZulu 2020UJesu Ucacisa Umyalelo Wesabatha ( Mak. 2:23 ; Luk. 6:1 ) 1 Ngaleso sikhathi uJesu wadabula emasimini kakolo ngosuku lwesabatha. Abafundi bakhe babelambile, baqala ukukha izikhwebu, badla. 2 AbaFarisi bekubona lokho, bathi kuye: “Awubheke ukuthi abafundi bakho benzani, benza okungavunyelwe ngesabatha.” 3 Wathi kubo: “Anifundanga yini okwenziwa nguDavide nayehamba nabo mhla elambile, 4 ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wadla izinkwa zobukhona okungavunyelwe ukuba azidle, kodwa ezidliwa abaphristi kuphela na? 5 Futhi anifundanga yini emthethweni ukuthi ngesabatha abaphristi bayona ethempelini, kodwa bangabekwa cala na? 6 Kepha ngithi kini: kukhona lapha okukhulu kunethempeli. 7 Kodwa ukuba benazi ukuthi kusho ukuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo,’ ngabe anibalahlanga labo abangenacala. 8 Ngokuba iNdodana yomuntu iyinkosi yesabatha.” UJesu Uphilisa Ngesabatha ( Mak. 3:1 ; Luk. 6:6 ) 9 UJesu wasuka lapho, wangena esinagogeni labo. 10 Kwakukhona umuntu owayenesandla esishwabene; bambuza bathi: “Kuvunyelwe yini ukuphilisa ngesabatha na?” Babembuza nje ukuze bammangalele. 11 Ngakho-ke wathi kubo: “Ngubani kini othi enemvu eyodwa, bese iwela emgodini ngesabatha, ongeyibambe, ayikhiphe lapho na? 12 Pho-ke umuntu uyedlula kangakanani imvu? Ngakho-ke kuvunyelwe ukwenza okuhle ngesabatha.” 13 UJesu wayesethi kulowo muntu oshwabene isandla: “Yelula isandla sakho.” Wayeseselula, saphila, safana nesinye. 14 AbaFarisi baphuma, bafakana imilomo ukuthi bangambhubhisa kanjani. Inkeku 15 Kepha uJesu ekwazi lokho wasuka lapho. Abaningi bamlandela, wabaphilisa bonke. 16 Wabayalisisa ukuba bangakhulumi ngaye, 17 ukuze kugcwaliseke okwashiwo ngo-Izaya umphrofethi, ukuthi: 18 “Nansi inceku yami engiyikhethileyo, othandiweyo wami; umphefumulo wami uyathokoza ngaye. Ngiyakufaka uMoya wami kuye, amemezele ukwahlulelwa kwabezizwe. 19 Akayukudazisana namuntu inkani, akayukuklabalasa, akekho oyakuzwa izwi lakhe emigwaqweni. 20 Umhlanga ofecekileyo akayukuwaphula, umongo othunqayo akayukuwucima, aze aphumelelise ubulungiswa, bunqobe. 21 Izizwe ziyakwethembela egameni lakhe.” Isono Sokuhlambalaza ( Mak. 3:20 ; Luk. 11:14 ) 22 Kwase kulethwa kuye onamadimoni, eyimpumputhe futhi eyisimungulu; wamphulukisa, waze wabona, wakhuluma lo obeyisimungulu. 23 Zonke izixuku zamangala kakhulu, zathi: “Lo akusiyo yini indodana kaDavide na?” 24 AbaFarisi bekuzwa lokhu, bathi: “Lo ukhipha amadimoni kuphela ngombusi wamadimoni, uBhelzebhule.” 25 UJesu ekwazi abakucabangayo, wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owehlukene wodwa uyachitheka, nalowo nalowo muzi noma yindlu eyehlukene yodwa ayiyukuma. 26 Uma uSathane ekhipha uSathane, kusho ukuthi wehlukene yedwa. Pho umbuso wakhe uyakuma kanjani na? 27 Uma Mina ngikhipha amadimoni ngoBhelzebhule, amadodana enu awakhipha ngobani na? Ngakho-ke yiwona ayakuba ngabehluleli benu. 28 Kepha uma Mina ngikhipha amadimoni ngoMoya kaNkulunkulu, kusho ukuthi umbuso kaNkulunkulu usufikile kini. 29 “Umuntu angangena kanjani endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engaqalanga ngokubopha isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso na? 30 “Ongahambisani nami, umelene nami; ongaqoqi nami, uyahlakaza. 31 Ngakho-ke ngithi kini: zonke izono zabantu nokuhlambalaza kuyakuthethelelwa, kodwa ohlambalaza uMoya akuyukuthethelelwa. 32 Yilowo nalowo oyakukhuluma izwi elimelene neNdodana yomuntu, uyakuthethelelwa; kodwa lowo oyakukhuluma izwi elimelene noMoya oNgcwele, akayukuthethelelwa kuleli lizwe nakwelizayo. Umuthi Nesithelo Sawo 33 “Kuphakathi kokuba nithi umuthi muhle, nesithelo sawo sibe sihle; noma nithi mubi, nesithelo sawo sibe sibi; ngokuba umuthi waziwa ngesithelo sawo. 34 Nzalo yezinyoka, ningakukhuluma kanjani okuhle nibe nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma okuchichima enhliziyweni. 35 Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebeni yakhe enhle; nomuntu omubi ukhipha okubi engcebeni yakhe embi. 36 Kepha ngithi kini: amazwi wonke ayize akhulunywa ngabantu, bayakulanda ngawo ngomhla wokwehlulelwa. 37 Ngokuba uyakwehlulelwa ngamazwi akho, icala likuthethe, futhi uyakulahlwa ngamazwi akho.” Abafuna Izibonakaliso ( Mak. 8:11 ; Luk. 11:29 ) 38 Kwase kuphendula abathile kuzazimthetho nakubaFarisi, bathi: “Mfundisi, sithanda ukuba usikhombise isibonakaliso esenziwa nguwe.” 39 Kepha waphendula, wathi kubo: “Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso, kodwa asiyukunikwa sibonakaliso, kuphela leso sikaJona, umphrofethi. 40 Njengalokhu uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba semathunjini omhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu. 41 Amadoda aseNineve ayakuma kanye nalesi sizukulwane ekwahlulelweni, asilahle ngecala, ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona. Lapha kukhona okukhulu kunoJona. 42 Indlovukazi yaseningizimu nayo iyakuma nalesi sizukulwane ekwahlulelweni, isilahle ngecala. Ngokuba yasuka emikhawulweni yomhlaba izolalela ukuhlakanipha kukaSolomoni. Lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni. Ukuphuma Nokubuya Komoya Ongcolileyo 43 “Uma umoya ongcolileyo uphuma kumuntu, uyazula, udabule ezindaweni ezigagadekileyo, ufuna ukuphumula; kodwa ungakufumani. 44 Bese uthi: ‘Ngizakubuyela endlini yami engaphuma kuyo.’ Usufikile, uyifumana ingenalutho, ishaneliwe futhi ihlotshisiwe. 45 Uyahamba-ke, ulande eminye imimoya eyisikhombisa emibi ukwedlula wona; ingene ihlale kuyo. Isiphetho salowo muntu sibe sibi kunakuqala. Kuyakuba kanjalo-ke nakulesi sizukulwane esibi.” Izihlobo Eziyizo ZikaJesu ( Mak. 3:31 ; Luk. 8:19 ) 46 Kwathi uJesu esakhuluma nezixuku, unina nabafowabo bema ngaphandle befuna ukukhuluma naye. 47 Omunye wathi kuye: “Kukhona unyoko nabafowenu abami ngaphandle, bafuna ukukhuluma nawe.” 48 Kepha uJesu waphendula, wathi kuye: “Ngubani umame, nabafowethu bangobani na?” 49 Welula isandla sakhe wakhomba abafundi bakhe, wathi: “Niyabona, nangu umame, nabafowethu. 50 Ngokuba yilowo nalowo owenza intando kaBaba osezulwini, ungumfowethu nodadewethu nomame.” |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa