Mathewu 10 - IsiZulu 2020UJesu Uthuma Abaphostoli Bakhe Abalishumi Nambili ( Mak. 3:13 ; 6:7 ; Luk. 6:12 ; 9:1 ) 1 UJesu wayesebiza abafundi bakhe abali-12, wabanika igunya phezu komoya abangcolileyo, ukuze babakhiphe. Wabanika nelokuphulukisa izifo zonke nokugula konke. 2 Nanka amagama abaphostoli abali-12: owokuqala nguSimoni okuthiwa nguPhethro, u-Andreya umfowabo, uJakobe noJohane umfowabo, amadodana kaZebedewu, 3 uFiliphu, uBhartholomewu, uThomase, uMathewu umthelisi, uJakobe ka-Alifewu, uThadewu, 4 uSimoni umKhanani, noJuda Iskariyothe, lo owakhaphela uJesu. 5 Laba abali-12 wabathuma, wabayala wathi: “Ningayi kwabezizwe, ningangeni nasemzini wamaSamariya, 6 kodwa yanini ezimvini ezilahlekileyo zendlu ka-Israyeli. 7 Ekuhambeni kwenu shumayelani nithi: ‘Umbuso wezulu ususondele.’ 8 Phulukisani abagulayo, nivuse abafileyo, nihlambulule abanochoko, nikhiphe amadimoni. Namukelisiwe ngesihle, yiphani ngesihle. 9 Ningaphathi golide, siliva, nathusi emixhakeni yenu. 10 Ningaphathi kwasikhwama sokwethekela, nabhantshi lesibili, kwazicathulo, kwaludondolo, ngokuba isisebenzi kufanele sinikwe ukudla kwaso. 11 “Nakunoma yimuphi umuzi noma umuzana eniyakungena kuwo, anocinga ofaneleyo, bese nihlala kuwo, nize nihambe kuleyo ndawo. 12 Kuyothi lapho ningena kulelo khaya, nibingelele. 13 Uma lelo khaya lifanele, ukuthula kwenu makube phezu kwalo, kodwa uma lingafanele, ukuthula kwenu makubuyele kini. 14 Yilowo nalowo ongayukunamukela ezwe amazwi enu, anothi niphuma nje kulelo khaya noma kulowo muzi, nithintithe uthuli ezinyaweni zenu. 15 Ngiqinisile ngithi kini: kuyakuba ngcono eSodoma naseGomora ngosuku lokwehlulelwa kunakulowo muzi.” Izinhlupheko Ezizayo 16 “Bhekani lapha, ngiyanithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi, ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba. 17 “Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela ezigcawini zokwehlulela, banishaye emasinagogeni abo. 18 Niyakuyiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe. 19 “Kepha kuyakuthi nxa benikhaphela, ningakhathazeki ngokuthi niyakukhuluma nithini, ngokuba niyakuphiwa ngaleso sikhathi eniyakukukhuluma. 20 Ngokuba akuyinina eniyakukhuluma, kodwa uMoya kaYihlo, nguye oyakukhuluma kini. 21 “Umuntu uyakumkhaphela ekufeni umfowabo, noyise akhaphele umntwana wakhe. Abantwana bayakuvukela abazali, bababulale. 22 Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami, kodwa oqiniselayo kuze kube sekupheleni, uyakusindiswa. 23 Nxa benizingela komunye umuzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: niyakuthi ningakayihambi yonke imizi yakwa-Israyeli, bese ifika iNdodana yomuntu. 24 “Umfundi akangaphezulu komfundisi wakhe, nenceku kayingaphezulu kwenkosi yayo. 25 Kwanele uma umfundi enjengomfundisi wakhe, nenceku injengenkosi yayo. Uma umninindlu bembize ngokuthi uBhelzebhule, kakhulu kangakanani abendlu yakhe. Lowo Okufanele Simesabe 26 “Ngakho-ke ningabesabi, ngokuba akukho okusitshekelweyo okungayukwambulwa nokufihliweyo okungayukwaziwa. 27 Lokhu enginitshela khona ebumnyameni, kukhulumeni ekukhanyeni; nalokhu enikuzwayo endlebeni, kumemezeleni phezu kwezindlu. 28 Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa umphefumulo nomzimba esihogweni. 29 Akuthengiswa yini imizwilili emibili ngendibilishi na? Nokho akukho namunye oyakuwela phansi ngaphandle kwemvume kaYihlo. 30 Kepha nani, zibaliwe zonke izinwele zekhanda lenu. 31 Ngakho-ke maningesabi; nina niyayidlula imizwilili eminingi. Ukuvuma Nokuphika UKhristu 32 “Ngalokho-ke yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu, nami ngiyakumvuma phambi kukaBaba osezulwini. 33 Kepha lowo oyakungiphika phambi kwabantu, nami ngiyakumphika phambi kukaBaba osezulwini. Ukuthula Nenkemba 34 “Ningasho ukuthi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni; angizanga ukuletha ukuthula kepha inkemba. 35 Yebo, ngize ukuphambanisa umuntu noyise, indodakazi nonina, umalokazana noninazala. 36 Izitha zomuntu kuyakuba ngabendlu yakhe. 37 “Othanda uyise nonina kunami, akangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami, akangifanele; 38 nalowo ongasithathi isiphambano sakhe angilandele, akangifanele. 39 Ofumana ukuphila kwakhe, uyakulahlekelwa yikho; olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami, uyakukufumana. Ukuzuza Umvuzo 40 “Onamukelayo nina, uyangamukela Mina; nongamukelayo Mina, wamukela ongithumileyo. 41 Owamukela umphrofethi ngokuba engumphrofethi, uyakuzuza umvuzo womphrofethi; nowamukela olungileyo ngokuba lowo elungile, uyakuzuza umvuzo wolungileyo. 42 Yilowo nalowo oyakuphuzisa abe munye kulaba abancinyane, ngisho inkezo eyodwa nje yamanzi aqandayo, ngokuba lowo engumfundi, ngiqinisile ngithi kini: kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.” |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa