IzEnzo 6 - IsiZulu 2020Amadoda Ayisikhombisa Akhethwa Ukuba Aphathe Abampofu 1 Kwathi ngalezo zinsuku, abafundi sebanda, kwaba khona ukukhononda kulabo abakhuluma isiGriki, ngamaHebheru, ngokuthi abafelokazi bakubo bayancishwa uma kwabiwa imihla ngemihla. 2 Abali-12 babiza ibandla labafundi, bathi: “Akukuhle ukuba thina sishiye izwi likaNkulunkulu, sikhonze ematafuleni. 3 Qokani phakathi kwenu, bazalwane, amadoda ayisikhombisa anegama elihle, agcwele uMoya nokuhlakanipha, esiyakuwamisa ukuba enze lo msebenzi. 4 Kodwa thina sizakuzinikela ekukhulekeni nasenkonzweni yezwi.” 5 Leli lizwi lathakaselwa yilo lonke ibandla, base bekhetha uStefani, umuntu owayegcwele ukukholwa noMoya oNgcwele, uFiliphu, uPhrokhoro, uNikhanori, uThimoni, uPharmena, noNikholawu, oyiphroselithe lase-Antiyokhiya. 6 Babamisa phambi kwabaphostoli; bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo. 7 Izwi likaNkulunkulu lasabalala, kwathi inani labafundi lakhula kakhulu eJerusalema, nesixuku esikhulu sabaphristi sayamukela inkolo. UStefani Umangalelwa Emphakathini 8 UStefani, egcwele umusa namandla, wenza izimangaliso nezibonakaliso ezinkulu phakathi kwabantu. 9 Kepha kwasuka abanye besinagoge elibizwa ngokuthi elabaLibherithino, nabaseKhurene, abase-Aleksandriya nababevela eKhilikhiya nase-Asiya, baphikisana noStefani. 10 Kepha abakwazanga ukumelana nokuhlakanipha noMoya ayekhuluma ngakho. 11 Base beshusha amadoda ngasese ukuba athi: “Simzwile ekhuluma amazwi ahlambalazayo ngoMose nangoNkulunkulu.” 12 Bashusha abantu, amalunga, nezazimthetho ukuba batheleke kuye; bambamba, bamyisa emkhandlwini. 13 Base bemisa ofakazi bamanga abathi: “Lo muntu akayeki ukukhuluma amazwi amelene nale ndawo engcwele nangomthetho, 14 ngokuba simzwile ethi uJesu waseNazaretha uzakuyibhidliza le ndawo, aguqule namasiko esawanikwa nguMose.” 15 Bonke ababesemkhandlwini bamgqolozela uStefani, babona ubuso bakhe kungathi ubuso bengelosi. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa