Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

IzAga 18 - IsiZulu 2020


Indlela Yokulunga Nendlela Yobubi (9)

1 Lowo ozazi yena ofuna intando yakhe; umelana nakho konke ukuhlakanipha okungqokolo.

2 Isiwula asithokozi ngokuqonda, kuphela ngokuveza okusenhliziyweni yaso.

3 Lapho kufika onenkohlakalo kuza nokwedelela, kanye nehlazo nokuhlazeka.

4 Amazwi omlomo womuntu anjengamanzi ajulileyo, nomfula ogobhozayo, nomthombo wokuhlakanipha.

5 Akulungile ukwenzelela isikhohlakali, nokuba olungileyo ahlanekezele ukwehlulela.

6 Izindebe zesiwula ziletha ingxabano, nomlomo waso uletha imivimbo.

7 Umlomo wesiwula ungukubhujiswa kwaso, nezindebe zaso zilugibe lomphefumulo waso.

8 Amazwi enhlebi anjengezibiliboco, ehlela ezibilini zomuntu.

9 Umuntu ovilapha ukusebenza, ungumfowabo wenkosi yokubhubhisa.

10 Igama likaSimakade lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.

11 Ingcebo yesicebi ingumuzi waso onamandla; injengogange oluphakemeyo emicabangweni yaso.

12 Inhliziyo yomuntu iyaziqhenya ngaphambi kokuba abhujiswe, kanti ukuthobeka kwandulela udumo.

13 Ukuphendula ungakezwa kungubuwula nehlazo kuye.

14 Umoya womuntu uyabumela ubuthakathaka bakhe, kodwa ngubani ongathwala umoya odabukileyo na?

15 Inhliziyo ehlaziyayo izuza ulwazi, nendlebe yohlakaniphileyo ifuna ulwazi.

16 Isipho somuntu simvulela iminyango, simphendlele indlela kwabakhulu.

17 Obeka udaba lwakhe kuqala kuba sengathi nguyena olungileyo, kuze kufike omunye amphenyisise.

18 Unkatho luyayiqeda ingxabano; luyehlukanisa phakathi kwabanamandla.

19 Umzalwane owoniweyo ulukhuni wedlula umuzi onamandla, nokuxabana kunjengemigoqo yenqaba.

20 Isisu somuntu siyasuthiswa yisithelo somlomo wakhe, saneliswe ngokukhishwa yizindebe zakhe.

21 Ukufa nokuphila kusemandleni olimi, nabaluthandayo bayakudla izithelo zalo.

22 Ofumana umfazi uthola okuhle; uzuzile isihawu kuSimakade.

23 Ompofu ukhuluma ngokuncenga, kepha isicebi siphendula ngesankahlu.

24 Umuntu wabangani uzilimaza yena, kodwa umngani weqiniso uyanamathela ukwedlula izelamani.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan