Hoseya 9 - IsiZulu 2020UHoziya Umemezela Ukuthunjwa Kuka-Israyeli 1 Israyeli, ungajabuli, ngokuthokoza okufana nokwabezizwe, ngokuba uzifebele wena, wahlubuka kuNkulunkulu wakho, wathanda inkokhelo yesifebe kuzo zonke izibuya zokusanhlamvu. 2 Isibuya nesikhamo sewayini akuyukubondla, newayini elisha liyakumdumaza. 3 Abayukuhlala ezweni likaSimakade, u-Efrayimi uyakubuyela eGibhithe, badle ukudla okungcolileyo e-Asiriya. 4 Abayukumthungela uSimakade iwayini, nemihlatshelo yabo ayiyukuba yintokozo kuye, isinkwa sabo siyakuba njengesinkwa sokulila kubo, kuthi bonke abasidlayo bazingcolise bona. Ngokuba isinkwa sabo singesephango labo, asiyukungena endlini kaSimakade. 5 Niyokwenzenjani ngosuku lwedili, nangosuku lomkhosi kaSimakade na? 6 Bhekani-ke, noma bangaphunyuka ekubhujisweni, kodwa iGibhithe liyakubabutha, iNofi ibambele; ingcebo yabo yesiliva idliwe yimbabazane, kube nameva emathendeni abo. Umphrofethi Uziphendulela Ngokuchwenswa Kwakhe 7 Sezifikile izinsuku zokujeziswa, izinsuku zokuphindisela, u-Israyeli makakwazi lokho. Umphrofethi uyisiwula, umuntu onomoya uyahlanya ngenxa yeziphambeko zakho eziningi nangobutha obukhulu. 8 Umphrofethi ungumlindi ka-Efrayimi kanye noNkulunkulu wami, kodwa umphrofethi ubekelwe ugibe lwezinyoni kuzo zonke izindlela zakhe, nobutha busendlini kaNkulunkulu wakhe. 9 Sebeshone shi enkohlakalweni njengasezinsukwini zaseGibheya; uyakukhumbula iziphambeko zabo, abajezisele izono zabo. 10 “Ngamthola u-Israyeli njengezithelo zomvini ehlane, ngabona okhokho bakho njengolibo lomkhiwane emkhiwaneni lapho uqala. Kepha bafika eBhali Pheyori, bazinikela ehlazweni, baba ngokunengekayo njengalokho abakuthandayo. 11 Udumo luka-Efrayimi luyakundizela kude njengenyoni, kungabi bikho kuthatha sisu, kukhulelwa nakuzala. 12 Noma bangakhulisa izingane zabo, kodwa ngiyakubephuca zona zonke. Maye impela kubo, lapho ngibafulathela! 13 Ngimbonile u-Efrayimi enjengeThire, etshalwe endaweni evundileyo, kepha u-Efrayimi uyakukhiphela izingane zakhe kumbulali. 14 “Simakade, banike. Ngabe uyakubanikani na? Isisu esiphuphumileyo namabele angenalubisi. 15 Bonke ububi babo buseGiligali, impela ngabazonda khona lapho; ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami, angiyukubathanda futhi; zonke izikhulu zabo zingamahlubuka. 16 U-Efrayimi unqundiwe, impande yabo yomile, abayukuthela sithelo. Noma bangazala, kodwa ngiyakubulala okuyigugu kwesisu sabo.” 17 UNkulunkulu wami uyakubalahla, ngokuba abamlalelanga, bayakuba yimihambima phakathi kwezizwe. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa