Hoseya 6 - IsiZulu 2020U-Israyeli NoJuda Bafuna Ukubuyela KuSimakade 1 “Wozani, masibuyele kuSimakade, ngokuba Yena usidwengulile; uyakusiphulukisa; Yena usishayile, uyakubopha inxeba lethu. 2 Uyakusiphilisa emva kwezinsuku ezimbili, asivuse ngosuku lwesithathu, siphile ebukhoneni bakhe. 3 Masimazi, siphokophelele ukumazi uSimakade; ukuphuma kwakhe kuqinisekile njengentathakusa, uyakufika kithi njengemvula, njengemvula yasentwasahlobo ematisa umhlaba. 4 “Ngiyakwenzani ngawe Efrayimi na? Ngiyakwenzani ngawe Juda na? Uthando lwenu lunjengomlalamvubu ekuseni, nanjengamazolo asekuseni eshabalala. 5 Ngakho-ke ngibaqobaqoba babe zicubu ngabaphrofethi, ngibabulale ngamazwi omlomo wami, ukwehlulela kwami kuphume njengokukhanya. 6 Ngokuba Mina ngifuna ukwethembeka, hhayi umhlatshelo, nolwazi ngoNkulunkulu kuneminikelo yokushiswa. 7 Kodwa basephulile isivumelwano njengo-Adamu; bangathembeka kimi ngalokho. 8 IGileyadi lingumuzi wabenza inkohlakalo, limabhadubhadu yigazi. 9 Njengeqembu labaphangi lilalele umuntu unyendle, kanjalo neqembu labaphristi liyabulala endleleni eya eShekhemu, impela benza inkohlakalo. 10 Ngibone into ehlasimulisayo endlini yakwa-Israyeli: kukhona ubufebe kwa-Efrayimi, u-Israyeli uzingcolisile. 11 “Nawe Juda, ulungiselwe ukuvunwa, lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwabantu bami.” |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa