Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

Hoseya 12 - IsiZulu 2020


Ukungathembeki Kuka-Efrayimi

1 U-Efrayimi udla umoya, uxoshana nomoya wasempumalanga, abhebhethekise amanga nobudlova imihla yonke. Wenza isivumelwano ne-Asiriya, athumele amafutha eGibhithe.

2 USimakade uthwesa uJuda icala, uyakumjezisa uJakobe ngokwezindlela zakhe, akhokhise kuye ngokwezenzo zakhe.

3 Esesibelethweni wabamba umfowabo ngesithende, esenamandla wabambana noNkulunkulu.

4 Wabambana nengelosi, wanqoba; wakhala, wanxusa kuyo isibusiso. Yamfumana eBhethele, yakhuluma nathi lapho,

5 uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, uSimakade akhunjulwa ngalo.

6 Kodwa kufanele wena ubuyele kuNkulunkulu wakho, ube nokwethembeka nobuqotho, ulindele uNkulunkulu wakho njalo.

7 IKhanani liphethe izikali zenkohliso esandleni salo, liyakuthanda ukuqola.

8 U-Efrayimi uthi: “Impela ngicebile, senginentilibathwa yomcebo. Kuzo zonke izithukuthuku zami abayukuthola kimi okubi okuyisono.”

9 Kepha Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho selokhu kwaba seGibhithe. Ngisazokwenza futhi uhlale emathendeni njengasezinsukwini zemikhosi enqunyiweyo.

10 Ngakhuluma kubaphrofethi, ngandisa imibono, ngenza imizekeliso ngesandla sabaphrofethi.

11 Ngabe iGiliyadi selonakele? Impela abaselutho; bahlabe izinkunzi eGiligali, ngakho-ke ama-althare abo ayakuba njengenqwaba yamatshe emiseleni yamasimu.

12 UJakobe wabalekela e-Aramu, u-Israyeli wasebenzela umfazi, welusa umhlambi ukuze athathe umfazi.

13 USimakade wakhuphula u-Israyeli eGibhithe ngomphrofethi, wamlondoloza ngomphrofethi.

14 Kepha u-Efrayimi umchukuluze ngokwedlulele; icala lakhe lokuchitha igazi liyakuba phezu kwakhe, iNkosi yakhe imthele ngehlazo lakhe.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan