Hoseya 1 - IsiZulu 2020Izwi LikaSimakade Elafika KuHoziya 1 Izwi likaSimakade elafika kuHoziya indodana kaBheri ezinsukwini zokubusa kuka-Uziya, uJothamu, u-Ahazi noHezekiya amakhosi akwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobhowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli. 2 Lapho uSimakade eqala ukukhuluma ngoHoziya, wathi kuHoseya: “Hamba uzithathele umfazi ophingayo nabantwana bokuphingwa, ngokuba izwe liyaphinga nokuphinga ngokungamlandeli uSimakade.” 3 Wahamba-ke, wathatha uGomeri, indodakazi kaDibhilayimi. Wakhulelwa, wamzalela indodana. 4 USimakade wathi kuye: “Iqambe igama uthi: ‘nguJizreyeli,’ ngokuba sekuseduze ngibajezise abendlu kaJehu ngenxa yegazi likaJizreyeli, futhi ngiyakuwuqenda nya umbuso wendlu ka-Israyeli. 5 Kuyakuthi ngalolo lusuku ngiwuphule umnsalo ka-Israyeli esigodini eJizreyeli.” 6 UGomeri wabuye wakhulelwa, wazala indodakazi. USimakade wathi kuHoziya: “Iqambe igama uthi: ‘uLo Ruhama,’ ngokuba angisayukuphinde futhi ngiyizwele indlu yakwa-Israyeli ukuba impela ngibathethelele. 7 Kepha indlu yakwaJuda ngiyakuyizwela, ngibasindise ngoSimakade uNkulunkulu wabo, angiyukubasindisa ngomnsalo, ngenkemba, ngempi, ngamahhashi nangabagibeli bamahhashi.” 8 Kwathi esemlumulile uLo Ruhama, wayesekhulelwa, wazala indodana. 9 Wayesethi: “Iqambe igama uthi: ‘uLo Ami,’ ngokuba aniseyibo abantu bami, nami angisenguye uNkulunkulu wenu.” Isithembiso SikaSimakade Ku-Israyeli 10 “Kepha abantu bakwa-Israyeli bayakuba ngangesihlabathi solwandle esingenakulinganiswa nakubalwa. Lapho bekuthiwa khona kubo: ‘Aniseyibo abantu bami,’ kuyakuthiwa kubo: ‘Ningamadodana kaNkulunkulu ophilayo.’ 11 Abantu bakwaJuda nabakwa-Israyeli bayakuhlangana ndawonye, bazikhethele inhloko ibe yodwa, bakhuphuke ezweni, ngokuba luyakuba lukhulu usuku lukaJizreyeli.” |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa