Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 97 - IsiZulu 2020


Ukubusa Namandla KaSimakade

1 USimakade uyabusa, umhlaba mawuthokoze, zethabe iziqhingi eziningi.

2 Yena uphahlwe ngamafu nobumnyama, ukulunga nobulungiswa kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi.

3 Umlilo uhamba phambi kwakhe, uzishwabadele nxazonke izitha zakhe.

4 Imibani yakhe ikhanyisa umhlaba, ukubona lokho umhlaba qede uthuthumele.

5 Izintaba zincibilikisa okwengcina phambi kukaSimakade, phambi kweNkosi yawo wonke umhlaba.

6 Amazulu ashumayela ngokulunga kwakhe, nezizwe zonke ziyayibona inkazimulo yakhe.

7 Bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo mabajabhe, labo abazigabisa ngezithombe. Bonke onkulunkulu bakhothame phambi kwakhe.

8 IZiyoni liyezwa, futhi lithokozile, namadodakazi akwaJuda ayethaba, ngenxa yezehlulelo zakho, Simakade,

9 ngokuba Wena Simakade ungoPhezu kwawo wonke umhlaba, uphakeme kakhulu, ngaphezu kwabo bonke onkulunkulu.

10 Nina enithanda uSimakade kuzondeni okubi, Yena olondoloza imiphefumulo yabathembekile, abasindise ezandleni zezikhohlakali.

11 Ukukhanya kukhanyisela olungileyo, nokujabula kwabanhliziyo ziqotho.

12 Thokozani kuSimakade, nina balungileyo, nibonge lapho nikhumbula ubungcwele bakhe.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan