AmaHubo 96 - IsiZulu 2020Ukudunyiswa KukaNkulunkulu Yizizwe Zonke 1 Hlabelelani uSimakade ihubo elisha, nimhlabelele uSimakade, mhlaba wonke. 2 Mhubeleni uSimakade, nibonge igama lakhe, nimemezele insindiso yakhe imihla ngemihla. 3 Landani ngenkazimulo yakhe kwabezizwe, nezimangaliso zakhe kubantu bonke. 4 Mkhulu uSimakade, udumisekile kakhulu, uyesabeka ngaphezu konkulunkulu bonke. 5 Bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe, kodwa uSimakade wenza izulu. 6 Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe, amandla nenkazimulo kusendlini yakhe engcwele. 7 Nina mindeni yabantu nikani uSimakade, mnikeni uSimakade inkazimulo namandla. 8 Mnikeni uSimakade inkazimulo yegama lakhe, nilethe umnikelo, ningene emagcekeni akhe. 9 Khulekani kuSimakade, nihlobe ngobungcwele, nithuthumele ebusweni bakhe, mhlaba wonke. 10 Shonini phakathi kwezizwe, nithi: “USimakade uyinkosi;” umhlaba umi uqinile, awunakunyakaziswa. Uyokwehlulela izizwe ngobuqotho. 11 Malijabule izulu, umhlaba uthokoze, maluhlokome ulwandle, nakho konke okukulo. 12 Mawethabe amasimu, nakho konke okukuwo, kwename imithi yonke yehlathi 13 phambi kukaSimakade, ngokuba uyeza, impela uyeza ukuzokwehlulela umhlaba. Uzowehlulela ngobuqotho umhlaba, nezizwe ngokwethembeka kwakhe. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa