Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 92 - IsiZulu 2020


Ukubonga Umusa KaSimakade Nemisebenzi Yakhe
Ihubo losuku lwesabatha

1 Kuhle ukubonga uSimakade, nokuhubela igama lakho, Wena oPhezukonke,

2 ukumemezela umusa wakho ekuseni, nokwethembeka kwakho ebusuku,

3 nokushaya ugubhu olunezintambo ezilishumi, umqangala nohabhu okuzwakala kamnandi.

4 Ngokuba Wena, Simakade, ungithokozisile ngemisebenzi yakho. Ngizohuba ngentokozo ngemisebenzi yezandla zakho.

5 Simakade, yeka ubukhulu bemisebenzi yezandla zakho! Imicabango yakho ijule kakhulu.

6 Umuntu oyisiwula akanalwazi, nesiphukuphuku asikuqondi lokhu.

7 Ngisho izikhohlakali zingahluma njengotshani, nabo bonke abenza okubi baqhakaze, bayobhubha ingunaphakade.

8 Kepha Wena, Simakade, uphakeme kuze kube phakade.

9 Ngokuba izitha zakho, Simakade, izitha zakho ziyakubhubha, bonke abenza okubi bayakuhlakazwa,

10 kodwa udumo lwami uluphakamise lwanjengophondo lwenyathi, ngagcotshwa ngamafutha amasha.

11 Iso lami liyakuzibona ngokujabula izitha zami, nezindlebe zami ziyakuzwa ngokuthokoza ngabenzi bokubi abangivukelayo.

12 Olungileyo uhluma njengesundu, akhule njengomsedari eLebhanoni.

13 Batshalwe endlini kaSimakade, bamilile emagcekeni kaNkulunkulu wethu.

14 Nalapho sebebadala bayakuthela izithelo, bahlume babe luhlaza,

15 ukuze bamemezele ukuthi uSimakade ulungile, uyidwala lami, kuye akukho ukungalungi.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan