AmaHubo 87 - IsiZulu 2020IJerusalema, Ikhaya Lezizwe Elamadodana kaKhora. Ihubo 1 Isisekelo sakhe sisezintabeni ezingcwele. 2 USimakade uyawathanda amasango eZiyoni kunayo yonke imizi kaJakobe. 3 Kukhulunywa izinto ezidumisekayo ngawe, muzi kaNkulunkulu. Sela 4 Ngibala iRahabhi, neBhabhele kulabo abazi mina, bheka, iFilistiya, iThire neKhushe, laba bazalelwa lapho. 5 Kuyothiwa ngeZiyoni: “Yilo, nalo bazalelwa khona, Ophezukonke uyaliqinisa.” 6 Mhla uSimakade eloba izizwe, uyakubala ukuthi lo, wazalelwa khona. Sela 7 Abahubayo nabasinayo bathi: “Imithombo yami yonke ikuwe.” |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa