AmaHubo 85 - IsiZulu 2020Isizwe SikaNkulunkulu Sicelelwa Isibusiso Esisha Kumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKhora. Ihubo 1 Simakade, ulibusisile izwe lakho, wamenzela inhlalakahle futhi uJakobe. 2 Walisusa icala labantu bakho, wazisibekela zonke izono zabo. Sela 3 Uyihoxisile yonke intukuthelo yakho, waphenduka ekuvutheni kolaka lwakho. 4 Sibuyise, Nkulunkulu wensindiso yethu, uyeke ukusicasukela. 5 Uzohlala usithukuthelele yini na? Ulaka lwakho ulwedlulisele phezu kwezizukulwane ngezizukulwane na? 6 Awuzukusivusa yini, sibuye siphile, ukuze abantu bakho bathokoze ngawe na? 7 Sikhombise ububele bakho, Simakade, usiphe insindiso yakho. 8 Ngizokuzwa lokho uNkulunkulu uSimakade azokusho, uzosho ukuthula kubantu bakhe, nakulabo abamesabayo. Mabangabuyeli ebuwuleni! 9 Impela insindiso yakhe iseduzane nabamesabayo, ukuze inkazimulo yakhe ihlale ezweni lakithi. 10 Kuyakuhlangabezana umusa neqiniso, kwangane ukulunga nokuthula. 11 Iqiniso liyovumbuka emhlabeni, ukulunga kubheke phansi kusezulwini. 12 USimakade uyoveza okuhle, nezwe lethu liyothela izithelo zalo. 13 Ukulunga kuyohamba phambi kwakhe, kuhlelembele izinyawo zakhe indlela. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa