Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 84 - IsiZulu 2020


Izindlu ZikaSimakade Ziyathandeka
Kumholi wokuhlabelela. NgeGititi. Elamadodana kaKhora. Ihubo

1 Wo, zithandeka kangaka izindlu zakho, Simakade Wamabandla!

2 Umphefumulo wami ulangazelela, womela amagceke kaSimakade. Inhliziyo yami nomzimba wami kuhuba ngokwethaba kuNkulunkulu ophilayo.

3 Ngokuba inyoni ifumene isidleke, nenkonjane yazitholela isidleke sayo, lapho ingabeka khona amaphuphu ayo, ngisho kuma-althare akho, Simakade Wamabandla, Nkosi yami, Nkulunkulu wami.

4 Babusisiwe abahlala endlini yakho; bayakuhlala bebonga Wena. Sela

5 Ubusisiwe umuntu omandla akhe akuwe, abazindlela zakho zisezinhliziyweni zabo.

6 Bedabula esigodini iBhakha, basenza saba yindawo yeziphethu, nemvula yokuqala iyayisibekela ngezibusiso.

7 Baqhubeka emandleni, baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eZiyoni.

8 Simakade Nkulunkulu Wamabandla, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe, Nkulunkulu kaJakobe. Sela

9 Wena Nkulunkulu, Sihlangu sethu, bheka, ubuke ubuso bogcotshiweyo wakho.

10 Ngokuba usuku lulunye emagcekeni akho, luhle kunezinye eziyizinkulungwane. Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami, kunokuhlala emathendeni ezikhohlakali.

11 Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu, uSimakade uyakupha umusa nodumo, akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.

12 Simakade Wamabandla, ubusisiwe okwethembayo.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan