AmaHubo 8 - IsiZulu 2020Indodana Yomuntu Nenkazimulo Yayo Kumholi wokuhlabelela. NgeGititi. Ihubo likaDavide 1 Simakade, Nkulunkulu wethu, yeka ukubabazeka kwegama lakho emhlabeni wonke! Wena obeke inkazimulo yakho phezu kwamazulu. 2 Emlonyeni wezingane nowabancelayo, umisile amandla ngenxa yezitha zakho, ukuze ushabalalise isitha nomphindiseli. 3 Lapho ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi okumisileyo, 4 uyini umuntu ukuba umkhumbule, nendodana yomuntu ukuba uyinake na? 5 Umenzile waba ngaphansana kukaNkulunkulu, wamthwesa umqhele wodumo nobukhosi, 6 umenze wabusa phezu kwemisebenzi yezandla zakho; wakubeka konke phansi kwezinyawo zakhe: 7 zonke izimvu, izinkomo, izilwane zasendle, 8 izinyoni zezulu, izinhlanzi zasolwandle nakho konke okuhamba ezindleleni zolwandle. 9 Simakade, Nkulunkulu wethu igama lakho libabazeka kangaka emhlabeni wonke! |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa