AmaHubo 76 - IsiZulu 2020UNkulunkulu Ungumnqobi Kumholi Wokuhlabelela. Ngogubhu. Ihubo lika-Asafa 1 UNkulunkulu uyaziwa kwaJuda, igama lakhe likhulu kwa-Israyeli. 2 Ithabanakeli lakhe liseSalema, nendlu yakhe iseZiyoni. 3 Kulapho ayephula khona imicibisholo yomnsalo, isihlangu, inkemba, nempi. Sela 4 Lapho uvela ezintabeni zempango, uyakhazimula ngobukhosi. 5 Amaqhawe aphangiwe, alala obokugcina, akukho qhawe elikwaze ukusebenzisa izandla zalo. 6 Ngokusola kwakho, Nkulunkulu kaJakobe, inqola nehhashi kwehlelwe ngubuthongo. 7 Wena, yebo, Wena uyesabeka; ngubani ongema phambi kwakho lapho uthukuthele na? 8 Wezwakalisa ukwehlulela kuvela ezulwini, umhlaba wesaba, wathula 9 mhla evuka uNkulunkulu ukuba ahlulele, asindise bonke abathobekileyo bomhlaba. Sela 10 Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa, insalelo yolaka uyakuyibhinca. 11 Thembisani, nizifeze izithembiso enizenza kuSimakade uNkulunkulu wenu. Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owesabekayo. 12 Unquma umoya wezikhulu, uyesabeka emakhosini omhlaba. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa