Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 67 - IsiZulu 2020


Ukubonga Izibusiso ZikaNkulunkulu
Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. Ihubo

1 UNkulunkulu makabe nomusa kithi, asibusise, makakhanyise ubuso bakhe phezu kwethu, Sela

2 ukuze indlela yakho yaziwe emhlabeni, insindiso yakho, kubo bonke abezizwe.

3 Abantu mabakubonge, Nkulunkulu, ubongwe ngabantu bonke.

4 Izizwe mazijabule, zihube ngentokozo, ngokuba abantu ubehlulela ngokulunga, uhole izizwe emhlabeni. Sela

5 Abantu mabakubonge, Nkulunkulu, ubongwe ngabantu bonke.

6 Umhlaba uthele izithelo zawo, uNkulunkulu wethu usibusisile.

7 Sengathi uNkulunkulu angaqhubeka asibusise, yonke imikhawulo yomhlaba imesabe.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan