Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 65 - IsiZulu 2020


Ukubonga Izipho ZikaNkulunkulu
Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide

1 Udumo lufanele Wena, Nkulunkulu, eZiyoni kuyofezeka isithembiso kuwe.

2 Wena oyizwayo imikhuleko, bonke abantu beza kuwe.

3 Iziphambeko zingigabhile, uyazithethelela iziphambeko zethu.

4 Ubusisiwe okhethwe nguwe, wamsondeza ukuba ahlale emagcekeni akho. Siyosuthiswa ngokuhle okuvela endlini yakho, ithempeli lakho elingcwele.

5 Uyakusiphendula ngezenzo ezesabekayo ekulungeni, Nkulunkulu wensindiso yethu. Wena uyithemba lemikhawulo yonke yomhlaba nelolwandle olukude,

6 Yena omisa izintaba ngamandla akhe, obhince amandla,

7 othulisa ukuduma kwezilwandle, inhlokomo yamaza azo nomsindo wabantu.

8 Abakhile emikhawulweni yomhlaba bayesaba ngezibonakaliso zakho, ujabulisa impumalanga nentshonalanga.

9 Uhambela umhlaba, unisa imvula, uwuvundisa kakhulu, umfula kaNkulunkulu ugcwele amanzi, abantu ubalungisela ukudla.

10 Umatisa imisele yawo, ulalise amasoyi awo, uwuthambise ngezihlambi, ubusise okumila kuwo.

11 Unyaka uwuhlobisa ngobumnene bakho, imikhondo yakho iconsa amafutha.

12 Amadlelo asehlane ayaconsa, amagquma abhinca injabulo.

13 Amadlelo embethe izimvu, nezigodi zisibekelwe ngokusanhlamvu, konke kuyajabula, kuyahlabelela.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan