AmaHubo 63 - IsiZulu 2020Ukulangazelela UNkulunkulu Ihubo likaDavide esehlane kwaJuda 1 Nkulunkulu, Wena unguNkulunkulu wami, ngiyakufuna. Umphefumulo wami womele Wena, umzimba wami ulangazelela Wena, ezweni eligagadekileyo, lapho kungekho khona amanzi. 2 Yingakho ngikufuna endaweni engcwele, ngibone amandla akho nenkazimulo yakho. 3 Ngokuba umusa wakho muhle kunokuphila, izindebe zomlomo wami zizokudumisa. 4 Yingakho ngizokubonga, inqobo nje uma ngisaphila. Ngizophakamisa izandla zami egameni lakho. 5 Umphefumulo wami uyosutha kube sengathi usuthiswe ngamanoni namafutha, umlomo wami ukudumise ngezindebe ezethabayo, 6 lapho ngikukhumbula embhedeni wami, ngizindla ngawe kwesikabhadakazi. 7 Wena ungisizile, ngizokwethaba emthunzini wamaphiko akho. 8 Umphefumulo wami ubambelele kuwe, esokunene sakho singisekele. 9 Kepha abazingela umphefumulo wami ukuba bawenzakalise, bazokwehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi. 10 Bazonikelwa esandleni senkemba, babe wukudla kwezimpungushe. 11 Kepha inkosi izothokoza ngoNkulunkulu, bonke abafunga Yena bayomdumisa, ngokuba imilomo yabakhuluma amanga izovalwa. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa