Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 62 - IsiZulu 2020


UNkulunkulu Uyisiphephelo Sethu
Kumholi wokuhlabelela. KuJeduthuni. Ihubo likaDavide

1 Mphefumulo wami, thula, ulindele uNkulunkulu kuphela, ngokuba insindiso yami ivela kuye.

2 NguYena kuphela oyidwala lami nensindiso yami; inqaba yami, angisoze nganyakaziswa.

3 Kuyoze kube nini, nisukela umuntu ukuba nimbulale nonke, njengodonga olutshekile nothango oludilikayo na?

4 Baceba ukuwisa umuntu oqavileyo. Bathokozela amanga, bayabusisa ngemilomo yabo, kodwa ngengaphakathi, bayaqalekisa. Sela

5 Mphefumulo wami, thula, ulindele uNkulunkulu kuphela, ngokuba ithemba lami livela kuye.

6 NguYena kuphela oyidwala lami, nensindiso yami, nenqaba yami; angiyukunyakaziswa.

7 Ukuhlengwa kwami nodumo lwami kukuNkulunkulu, idwala lami eliqinileyo, isiphephelo sami sikuNkulunkulu.

8 Bantu, yethembelani kuye ngezikhathi zonke, inhliziyo yenu niyithululele phambi kwakhe, uNkulunkulu uyisiphephelo sethu.

9 Abantukazana bangumoya nje, nezikhulu zingamabunga, uma bekalwa isilinganiso siyenyuka, kodwa bonke balula kunomoya.

10 Maningathembeli ekuqhwageni, ningazigabisi ngokuphangiweyo. Uma imfuyo yanda, ningayibeki inhliziyo kuyo.

11 UNkulunkulu ukhulume kanye, ngakuzwa kabili lokho: amandla angakaNkulunkulu,

12 nobubele bungobakho, Nkosi. Umuntu umvuza ngangokwenza kwakhe.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan