AmaHubo 61 - IsiZulu 2020Umkhuleko Wokucela Ukuphephela KuSimakade Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. ElikaDavide 1 Nkulunkulu, yizwa ukukhala kwami, ubeke indlebe emkhulekweni wami. 2 Ngisemkhawulweni womhlaba, ngikhala kuwe lapho inhliziyo yami idangele. Ngiholele edwaleni eliphakemeyo kunami. 3 Ngokuba Wena ube yisiphephelo sami, umbhoshongo oqinileyo phambi kwesitha sami. 4 Mangihlale ethendeni lakho ingunaphakade. Mangikhosele emthunzini wamaphiko akho. Sela 5 Ngokuba Wena, Nkulunkulu, uzizwile izifungo zami, wanginika isabelo salabo abesaba igama lakho. 6 Uzokwandisa izinsuku zokuphila kwenkosi, iminyaka yayo ibe miningi ngangezizukulwane. 7 Iyohlala embusweni, phambi kukaNkulunkulu ingunaphakade. Yiqokele ububele neqiniso, ukuba kuyilonde. 8 Ngakho-ke ngizolihubela igama lakho kuze kube phakade, ukuze ngifeze izifungo zami usuku nosuku. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa