Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 60 - IsiZulu 2020


Umkhuleko Wocela Ukusizwa Ezitheni
Kumholi wokuhlabelela. Indlela: umnduze; ubufakazi. IMiktamu likaDavide, ekulweni kwakhe nama-Aramu naharayimi nama-Aramu Zoba, uJowabe ebuya, enqoba abakwa-Edomi eSigodini Sikasawoti abayizi-12 000

1 Nkulunkulu usilahlile, usibhubhisile, ngoba usithukuthelele; ake usivuselele futhi.

2 Uwuzamazamisile umhlaba, wawuqhekeza, zivale izimfa zawo, ngokuba uyazamazama.

3 Isizwe sakho usibonisile izinto ezinzima, wasiphuzisa iwayini, sadiyazela.

4 Abakwesabayo ubanike ifulegi ukuba baliphakamise ngenxa yeqiniso. Sela

5 Ukuze abathandekayo bakho bakhululwe, sindisa ngesandla sakho sokunene, usiphendule.

6 UNkulunkulu ukhulumile esebungcweleni bakhe, wathi: “Ngizokunqoba, ngihlukanise iShekemi, ngisilinganise iSigodi iSukhothi.

7 UGileyadi noManase bangabami, u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami, uJuda uyintonga yami yokubusa.

8 UMowabi uyisitsha sami sokuhlambela, ngiphonsa isicathulo sami phezu kuka-Edomi. Filistiya, hlokoma ngenjabulo ngenxa yami.”

9 Ngubani oyakungiyisa emzini oqinileyo na? Ngubani oyakungiholela kwa-Edomi na?

10 Nkulunkulu, akuWena yini osilahlileyo na? Awusaphumi namabutho ethu, Nkulunkulu.

11 Sisize esitheni, ngokuba ukuhlenga kwabantu kuyize.

12 Sizonqoba ngoNkulunkulu; Yena uzozinyathela izitha zethu.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan