AmaHubo 6 - IsiZulu 2020Umkhuleko Wokucela Umusa Ngesikhathi Sokuhlupheka Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. NgeSheminti. Ihubo likaDavide 1 Simakade, ungangithethisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho. 2 Yiba nesihawu kimi, Simakade, ngokuba anginamandla; ngiphilise, Simakade, ngokuba amathambo ami ayankenketha. 3 Umphefumulo wami uyesaba kakhulu, kepha Wena, Simakade, kuyoze kube nini na? 4 Buya, Simakade, ukhulule impilo yami, ngisindise ngenxa yesihe sothando lwakho. 5 Akukho ukukhumbula Wena kwelabafileyo; ngubani oyakukubonga endaweni yabafileyo na? 6 Ngikhathele ngenxa yokububula kwami. Ngimantisa umbhede wami njalo ebusuku, ngincibilikisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami. 7 Iso lami liyafiphala, ngenxa yokudabuka; selibuthakathaka, ngenxa yezitha zami. 8 Sukani kimi nina nonke enenza okubi, ngokuba uSimakade ulizwile izwi lokukhala kwami. 9 USimakade ukuzwile ukunxusa kwami, uSimakade uyakuwamukela umkhuleko wami. 10 Zonke izitha zami ziyoba namahloni, ziphoxeke ngokwedlulele; ziyakubuyela emuva ngokuphazima kweso, zijabhile. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa