Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 59 - IsiZulu 2020


Umkhuleko Wocela Ukukhululwa Ezitheni
Kumholi wokuhlabelela. Indlela: ungachithi. ElikaDavide. IMiktamu, mhla uSawule ethumela, ethi mabayilinde indlu ukuba bambulale

1 Nkulunkulu wami, ngikhulule ezitheni zami, ungivikele kwabangivukelayo.

2 Ngikhulule kwabenza okubi, ungisindise kubantu abomele igazi.

3 Ngokuba, bheka, baqamekela impilo yami, iziqhwaga ziyangihlanganyela, kungekho siphambeko nasono kimi, Simakade.

4 Ziyagijima, zizilungisele, ngingenacala, vuka ungihlangabeze, uzibonele ngawakho.

5 Wena, Simakade Nkulunkulu Wamabandla, Nkulunkulu ka-Israyeli, vuka ujezise zonke izizwe, ungahawukeli namunye kwabahlubukileyo. Sela

6 Babuya kusihlwa, bahlabe umkhulungwane njengenja, bezulazula emzini.

7 Bheka, bayakhafula ngemilomo yabo, amazwi abo ayizinkemba ezindebeni zabo, ngokuba bathi: “Ngubani ozwayo na?”

8 Kepha Wena Simakade uyabahleka, ubaklolodele bonke abezizwe.

9 Ngenxa yamandla akho, ngizokulindela, ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami.

10 UNkulunkulu wami uzongihlangabeza ngomusa wakhe; uNkulunkulu uzongibonisa izitha zami zinqotshwa.

11 Ungazibulali, funa abantu bakithi bakhohlwe, kodwa zihlakaze ngamandla akho, uziqumbe phansi, Nkosi, sihlangu sethu.

12 Amazwi eziwasho ngezindebe zazo ayisono esiphuma emlonyeni wazo, mazibambeke ekuqhosheni kwazo, nangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo.

13 Ziqede nya, ngolaka, uzishabalalise ziphele nya, mazazi ukuthi nguNkulunkulu obusa kwaJakobe, kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Sela

14 Zibuya kusihlwa, zihlabe umkhulungwane njengenja, zizulazule emzini.

15 Zehla zenyuka zifuna ukudla; uma zingasuthi, ziyagwavuma.

16 Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho, ngithabele umusa wakho ekuseni, ngokuba uyinqaba yami nesiphephelo sami ngosuku lokuhlupheka kwami.

17 Mandla ami, ngizohubela Wena; ngokuba uNkulunkulu, uyinqaba yami, unguNkulunkulu wami onomusa.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan