AmaHubo 58 - IsiZulu 2020Umkhuleko Wocela Ukujeziswa Kwababi Kumholi wokuhlabelela. Indlela: ungachithi. ElikaDavide. IMikthamu 1 Kungabe impela nikhuluma ukulunga nobuqotho na? Madodana abantu, ngabe nehlulela ngobuqotho na? 2 Qha, ingani ezinhliziyweni niphehla imisebenzi yokungalungi, ezweni nikala ngendluzula evela ezandleni zenu. 3 Ababi bahlubuka kwasesibelethweni, abaqamba amanga baduka kwasesiswini. 4 Isihlungu sabo sinjengesihlungu senyoka, banjengemamba edlebelekile, esivale amadlebe 5 ukuze ingalizwa izwi labalumbi abalumba ngobuchule. 6 Nkulunkulu, yephula amazinyo abo emilonyeni yabo. Simakade, phohloza amazinyo emihlathi yamabhongo ezingonyama. 7 Mabahwamuke njengamanzi achithekayo; lapho ekhomba ngemicibisholo yakhe, mayibe sengathi inqundekile. 8 Mababe njengomnenke oncibilika uphele, njengokuphuphume kowesifazane, okungalibonanga ilanga. 9 Amabhodwe enu engakakuzweli ukushisa kwezinkuni zameva, uyakuziphephula, noma ziluhlaza, noma zivutha. 10 Olungileyo uyojabula uma ebona impindiselo, uyogeza izinyawo zakhe egazini lababi, 11 abantu baze bathi: “Impela ukhona umvuzo wolungileyo; impela ukhona uNkulunkulu owehlulelayo emhlabeni.” |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa