AmaHubo 53 - IsiZulu 2020Ukukhala Ngobuwula Nobubi Babantu Kumholi wokuhlabelela. NgeMahalathi. IMaskili likaDavide 1 Isiwula sithi enhliziyweni yaso: “Akekho uNkulunkulu.” Bonakele, benze izinto ezinengekayo eziphambene nobulungiswa. Akukho noyedwa owenza okuhle. 2 UNkulunkulu esezulwini ubheka phansi, abone amadodana abantu, ukuze abone ukuthi ukhona yini onokuqonda, ofuna uNkulunkulu. 3 Bonke baphambukile, bonke bakhohlakele, akukho noyedwa owenza okuhle, akukho noyedwa. 4 Abanakwazi yini abenza okubi, abadla abantu bami njengalokhu bedla isinkwa, bengakhuleki kuNkulunkulu na? 5 Besaba kakhulu, kube kungekho okwesabisayo. UNkulunkulu uwasakazile amathambo alowo okuvimbezelayo. Wena uzobathela ngehlazo, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile. 6 Ukusindiswa kuka-Israyeli kuzovela eZiyoni, lapho uNkulunkulu ebusisa abantu bakhe; uJakobe ethabe, no-Israyeli athokoze. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa