Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 52 - IsiZulu 2020


Ukuziqhayisa Kwesiqhwaga Nomusa KaNkulunkulu
Kumholi wokuhlabelela. IMaskili likaDavide ekufikeni kukaDowegi wakwa-Edomi emazisa uSawule, ethi kuye: “UDavide ufikile endlini ka-Ahimeleki”

1 We siqhwaga, uziqhayiselani ngokubi na? Umusa kaNkulunkulu umi njalo.

2 Ulimi lwakho luhlale lusongoza amacebo amabi, njengensingo ebukhali, wena menzi wobubi,

3 uthanda okubi kunokuhle, amanga kunokulungileyo. Sela

4 Wena lulimi lwenkohliso, uthanda onke amazwi abhubhisayo.

5 Kepha uNkulunkulu uzokuqumba phansi kuze kube phakade; uzokubamba, akukhiphe ethendeni lakho, akusiphule nasezweni labaphilayo. Sela

6 Abalungileyo bayokubona lokho, besabe; bakuhleke, bathi:

7 “Bheka, nasi isiqhwaga esingazange simenze uNkulunkulu abe yinqaba yaso, kodwa sethembela ebuningini bomcebo waso, sabambelela kakhulu ebubini baso.”

8 Kepha mina ngifana nesihlahla somhlwathi esiluhlaza, endlini kaNkulunkulu. Ngethembele emseni kaNkulunkulu kuze kube phakade.

9 Ngizokudumisa kuze kube phakade, ngokuba ukwenzile lokho. Ngizolindela igama lakho, ngokuba lihle phambi kwabathembekile bakho.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan