AmaHubo 49 - IsiZulu 2020Ubuwula Bokwethemba Ingcebo Kumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKhora. Ihubo 1 Lalelani lokhu nina bantu, nonke bekani indlebe, nonke zakhamuzi zasemhlabeni, 2 abantukazana nezikhulu, abacebileyo nabantulayo. 3 Umlomo wami uzokhuluma ukuhlakanipha, ukuzindla kwenhliziyo yami kuzokuba ngukuqonda. 4 Ngizakubeka indlebe yami kuso isaga, ngiphenye imfumbe yami ngehabhu. 5 Yini ebengizoyesaba ngesikhathi senhlupheko, lapho ngihaqwa wububi babangizingelayo, 6 labo abethembela engcebeni yabo, baqhoshe ngobuningi bomcebo wabo na? 7 Impela umuntu angemhlenge umfowabo, noma amhlawulele kuNkulunkulu. 8 Ngokuba ukuhlengwa kwempilo yakhe kubiza kakhulu, ngeke kwafinyelelwa kukho nanini, 9 ukuze umuntu aphile ingunaphakade, angaliboni igodi. 10 Qha, uyabona ukuthi abahlakaniphileyo bayafa, nokuthi isiwula nesiphukuphuku siyabhubha; umcebo wabo bawushiyele abanye. 11 Ukucabanga kwabo kuthi izindlu zabo zizakuma kuze kube phakade, nemizi yabo, ezizukulwaneni ngezizukulwane; amazwe abo bawaqamba ngamagama abo. 12 Kepha umuntu, nakuba enodumo, akayukuhlala angafi, ufana nezilwane ezibhubhayo. 13 Le ndlela yabo ingubuwula babo, balandelwa ngabathokozela amazwi abo. Sela 14 Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu, ukufa kuyakubelusa, ngakusasa abaqotho babusa phezu kwabo, isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo, bangabe besaba nandlu. 15 Kepha uNkulunkulu uyakuwukhulula umphefumulo wami esandleni sendawo yabafileyo, ngokuba uyakungamukela. Sela 16 Ungesabi uma umuntu eba yisicebi, nxa umcebo wendlu yakhe wanda. 17 Ngokuba ekufeni kwakhe akayukumuka nalutho, umcebo wakhe awuyukwehla naye. 18 Noma engawubusisa umphefumulo wakhe esaphila, futhi abantu bamtuse, ngokuba uzenzele kahle, 19 nokho uyakuya esizukulwaneni sokhokho bakhe, abayukukubona ukukhanya naphakade. 20 Umuntu ebukhazikhazini bakhe engenakuqonda, unjengezilwane ezibhubhayo. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa