AmaHubo 47 - IsiZulu 2020UNkulunkulu Ungumbusi Wezinto Zonke Kumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKhora. Ihubo 1 Zizwe zonke, shayani izandla, hlokomani ngezwi lokuhalalisa kuNkulunkulu. 2 Ngokuba uSimakade Ophezukonke uyesabeka, uyiNkosi enkulu phezu komhlaba wonke. 3 Izizwe wazithobisa zaba phansi kwethu, nabantu phansi kwezinyawo zethu. 4 Wasikhethela ifa lethu, udumo lukaJakobe amthandayo. Sela 5 UNkulunkulu wenyuke ngenhlokomo, uSimakade ngokukhala kwecilongo. 6 Hubelani uNkulunkulu, mdumiseni! Hubelani iNkosi yethu, hubani! 7 UNkulunkulu uyinkosi yomhlaba wonke, hubani ihubo! 8 UNkulunkulu ubusa izizwe, uNkulunkulu uhlezi esihlalweni sakhe sobukhosi esingcwele. 9 Izikhulu zabantu zibuthene, zibe yisizwe sikaNkulunkulu ka-Abhrahama, ngokuba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu, uphakeme kakhulu. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa