Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 41 - IsiZulu 2020


Umkhule Wokucela Ukuphiliswa
Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide

1 Ubusisiwe onakekela ohluphekayo, uSimakade uyomsindisa ngosuku lwenhlupheko.

2 USimakade uyomlondoloza, amgcine ephila; uyobusiswa ezweni. Akayukumnikela ezifisweni zezitha zakhe.

3 USimakade uyakumsimamisa okhukhweni lokufa, amphilise kuzona zonke izifo zakhe.

4 Mina ngithi: “Simakade, yiba nomusa kimi, uphulukise umphefumulo wami, ngokuba ngonile kuwe.”

5 Izitha zami zihambe zikhuluma okubi ngami, zithi: “Uzofa nini, igama lakhe lingabe lisaphathwa na?”

6 Uma kukhona ozongibona, ukhuluma amanga ngami. Unqwabela okubi enhliziyweni yakhe, aphume akhulume ngakho.

7 Bonke abangizondayo bahlangana ngami, bahlebelane ngami, bengisongela, bethi:

8 “Sengathi angavelelwa ngokukhulu, alale angabe esavuka.”

9 Ngisho nomhlobo wami ebengimethemba, ngimupha ukudla kwami, usengiphendukele.

10 Kepha Wena Simakade, ngihawukele, ungilulamise, ukuze ngiziphindiselele ezitheni zami.

11 Ngalokho ngiyazi ukuthi uyangithanda, ukuze isitha sami singaqhoshi ngami.

12 Mina uyakungigcina ngiqotho, ungihlalise ebukhoneni bakho kuze kube phakade.

13 Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Amen, Amen.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan