AmaHubo 32 - IsiZulu 2020Ukuvuma Izono Nokuthethelelwa Kwazo ElikaDavide. IMaskili 1 Ubusisiwe umuntu osiphambeko sakhe sithethelelwe, osono sakhe sesuliwe. 2 Ubusisiwe umuntu uSimakade angambaleli isiphambeko, okungekho nkohliso emoyeni wakhe. 3 Ngenkathi ngithule, amathambo ami awohloka ngenxa yokububula usuku lonke. 4 Isandla sakho sangicindezela kanzima ubusuku nemini, ngaphelelwa ngamandla, kwangathi ngihlaselwe wumoya weshisandlu. Sela 5 Ngase ngisivuma isono sami kuwe, angaze ngasifihla isiphambeko sami. Ngathi: “Ngizozivuma iziphambeko zami kuSimakade,” Yena wangithethelela icala lokona kwami. 6 Makuthi bonke abethembekileyo bakhuleke kuwe ngesikhathi senhlupheko; impela isikhukhula esinamandla asiyukufinyelela kubo. 7 Wena uyindawo yami yokubhaca, uyangivikela enkathazweni, ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. Sela 8 Ngizokubonisa, futhi ngikufundise indlela ozohamba ngayo; ngizobeka iso lami kuwe, ngikweluleke. 9 Ungafani nehhashi nomnyuzi okungenakuqonda, okukhalinywa ngetomu nomkhala ukuze kuhambe kuqonde, kungenjalo akuyukuwulalela umthetho wakho. 10 Ziningi izinhlupheko zababi, kodwa umusa uyamhaqa owethemba uSimakade. 11 Yethabani kuSimakade nina abalungileyo; nihlokome ngentokozo nina nonke enimsulwa enhliziyweni. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa