Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 30 - IsiZulu 2020


Ukubonga Kotakulwe Ekufeni
Ihubo lokuvula indlu. ElikaDavide

1 Ngiyakuphakamisa Simakade, ngokuba ungitakulile, awuvumanga ukuba izitha zami zithokoze ngami.

2 Simakade, Nkulunkulu wami, ngikhale kuwe ngicela usizo, wangiphulukisa.

3 Simakade ukhulule umoya wami endaweni yabafileyo, wangigcina ngiphilile, angaze ngashona egodini.

4 Mdumiseni uSimakade, nina bathembekileyo bakhe, nibonge igama lakhe elingcwele.

5 Ngokuba intukuthelo yakhe ingeyesikhashana, umusa wakhe umi ingunaphakade. Ukulila kungadonsa kuze kuhlwe; injabulo iqhamuke ekuseni.

6 Mina ngathi lapho ngiphumelela: “Angisoze nganyakaziswa naphakade.”

7 Simakade ngomusa wakho, wangenza nganjengentaba eqinileyo. Usubufihlile ubuso bakho, ngadangala.

8 Ngakhala kuwe Simakade, nganxusa Nkosi yami, ngathi:

9 “Kunanzuzoni ukufa kwami, lapho ngishona phansi egodini na? Ngabe uthuli luzokudumisa yini na? Ngabe luzokhuluma ngokwethembeka kwakho na?

10 Yizwa, Simakade, ube nomusa kimi; Simakade yiba ngumsizi wami!”

11 Ukulila kwami ukuphendule ijadu, wangikhumula ingubo yesaka, wangembathisa injabulo,

12 ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungaphezi. Simakade, Nkulunkulu wami, ngizokubonga kuze kube phakade.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan