AmaHubo 30 - IsiZulu 2020Ukubonga Kotakulwe Ekufeni Ihubo lokuvula indlu. ElikaDavide 1 Ngiyakuphakamisa Simakade, ngokuba ungitakulile, awuvumanga ukuba izitha zami zithokoze ngami. 2 Simakade, Nkulunkulu wami, ngikhale kuwe ngicela usizo, wangiphulukisa. 3 Simakade ukhulule umoya wami endaweni yabafileyo, wangigcina ngiphilile, angaze ngashona egodini. 4 Mdumiseni uSimakade, nina bathembekileyo bakhe, nibonge igama lakhe elingcwele. 5 Ngokuba intukuthelo yakhe ingeyesikhashana, umusa wakhe umi ingunaphakade. Ukulila kungadonsa kuze kuhlwe; injabulo iqhamuke ekuseni. 6 Mina ngathi lapho ngiphumelela: “Angisoze nganyakaziswa naphakade.” 7 Simakade ngomusa wakho, wangenza nganjengentaba eqinileyo. Usubufihlile ubuso bakho, ngadangala. 8 Ngakhala kuwe Simakade, nganxusa Nkosi yami, ngathi: 9 “Kunanzuzoni ukufa kwami, lapho ngishona phansi egodini na? Ngabe uthuli luzokudumisa yini na? Ngabe luzokhuluma ngokwethembeka kwakho na? 10 Yizwa, Simakade, ube nomusa kimi; Simakade yiba ngumsizi wami!” 11 Ukulila kwami ukuphendule ijadu, wangikhumula ingubo yesaka, wangembathisa injabulo, 12 ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungaphezi. Simakade, Nkulunkulu wami, ngizokubonga kuze kube phakade. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa