Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 27 - IsiZulu 2020


USimakade Ungukukhanya Kwami Nensindiso Yami
ElikaDavide

1 USimakade ungukukhanya kwami nensindiso yami. Ngubani engingamesaba na? USimakade uyinqaba yokuphila kwami. Ngubani engingaba novalo ngaye na?

2 Lapho abenzi bokubi besondela kimi ukuba bangisoconge, abamelene nami nezitha zami bayokhubeka, baqumbeke phansi.

3 Noma impi ingakanisa imelane nami, inhliziyo yami ayiyukwesaba, ngisho impi ingangivukela, nokho ngiyoba neqholo.

4 Kukodwa zwi engikucela kuSimakade, yilokhu nje engizimisele ukukwenza: ukuba ngihlale endlini kaSimakade zonke izinsuku zokuphila kwami, ngibuke ubuhle bukaSimakade, ngizindle ngisendlini yakhe.

5 Ngokuba uzongifihla edokodweni lakhe ngosuku lwenhlupheko, angicashise endaweni efihlakele ethendeni lakhe, angiphakamisele edwaleni.

6 Namanje ikhanda lami lizakuphakama phezu kwezitha zami ezingizungezile. Ngizonikela ngemihlatshelo, ngihlokome ngentokozo ngisethendeni lakhe. Ngihlabelele, ngidumise uSimakade ngokhehlegume.

7 Ngizwe Simakade, lapho ngikunxusa, ube nomusa kimi, ungiphendule.

8 Inhliziyo yami ithi uthe: “Funani ubuso bami,” inhliziyo yami ithi: “Ubuso bakho, Simakade, ngiyabufuna.”

9 Ungabufihli ubuso bakho kimi. Ungayixoshi inceku yakho ngentukuthelo; Wena uwusizo lwami, uze ungangilahli, ungangishiyi, Nkulunkulu wensindiso yami.

10 Nakuba ubaba nomame bengishiyile; uSimakade uzongemukela.

11 Simakade, ngifundise indlela yakho, ungihole endleleni ehlelembekile ngenxa yezitha zami.

12 Uze unganginikeli kokufiswa yizitha zami ngami, ngokuba ofakazi bamanga bangivukele, babhodla umlilo.

13 Ngiyethemba ukuthi ngizobubona ubuhle bukaSimakade, ezweni labaphilayo!

14 Lindela uSimakade, uqine, inhliziyo yakho ime isibindi. Yebo, lindela uSimakade.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan