Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 21 - IsiZulu 2020


USimakade Uhlenga Inkosi
Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide

1 Simakade, inkosi iyethaba ngamandla akho; ithokoza kakhulu ngokuyihlenga kwakho.

2 Uyiphe obekufiswa yinhliziyo yayo, awuyigodlelanga ebikucela ngezindebe zomlomo wayo. Sela

3 Uyihlangabeze ngezibusiso ezinhle, wayethwesa umqhele wegolide elicwengekileyo ekhanda layo.

4 Yacela kuwe ukuphila, wayipha khona; yaphila izinsuku eziningi, kwaze kwaba ingunaphakade.

5 Inkulu inkazimulo yayo ngokuyinqobisa kwakho; uyethwese udumo nobukhosi.

6 Ngokuba uyibeke ukuba ibe yisibusiso kuze kube phakade; uyenza ithokoze, ijabule ngobukhona bakho.

7 Inkosi yethembele kuSimakade, nangenxa yesihawu soPhezukonke ayiyukunyakaziswa.

8 Isandla sakho siyozifumana zonke izitha zakho; esokunene sakho sibathole abakuzondayo.

9 Ngesikhathi sentukuthelo yakho, uyobenza bafane nesithando somlilo. USimakade uyobasobozela ngentukuthelo yakhe, umlilo ubashwabadele.

10 Uzalo lwabo uyolubhubhisa emhlabeni, nesizukulwane sabo, phakathi kwabantu.

11 Uma bekwakhela uzungu, beceba okubi ngawe, abayukuphumelela;

12 ngokuba uyobaciba ngomcibisholo wakho bebuka, bashaye bachithe.

13 Phakama ngamandla akho, Simakade. Thina sizohlabelela, situse amandla akho.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan