AmaHubo 20 - IsiZulu 2020Abakwa-Israyeli Bakhulekela Inkosi Yabo Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide 1 USimakade makakuphendule ngosuku lwenhlupheko. Igama likaNkulunkulu kaJakobe malikuvikele. 2 Makakuthumelele usizo oluvela endlini engcwele, akweseke eseZiyoni. 3 Makayikhumbule yonke iminikelo yakho, awemukele umnikelo wakho wokushiswa. Sela 4 Makakuphe okufiswa yinhliziyo yakho, afeze zonke izinhloso zakho. 5 Sihlokome, sihalalise ngokunqoba kwakho, siphakamise ibhanela egameni likaNkulunkulu wethu. USimakade makaphumelelise konke okucelayo. 6 Manje sengiyaqonda ukuthi uSimakade uyamsindisa ogcotshiweyo wakhe: uyamphendula esezulwini lakhe elingcwele ngamandla okusindisa asesandleni sakhe sokunene. 7 Abanye bagabe ngezinqola zempi, abanye ngamahhashi, kodwa thina sethembele egameni likaSimakade uNkulunkulu wethu. 8 Bayowa bashaye ngamadolo phansi, kepha thina siyovuka, sime. 9 Sindisa, Simakade! INkosi mayisiphendule ngosuku lokukhala kwethu. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa