AmaHubo 149 - IsiZulu 2020Hubelani USimakade Ihubo Elisha 1 Haleluya! Hubelani uSimakade ihubo elisha, izibongo zakhe, emhlanganweni wabathembekileyo. 2 U-Israyeli makathokoze ngoMenzi wakhe, abantwana baseZiyoni bethabele iNkosi yabo. 3 Mabadumise igama lakhe ngokusina, bamhubele ngesigubhu nehabhu, 4 ngokuba uSimakade uyathokoza ngabantu bakhe abathobekileyo, ubahlobisa ngensindiso. 5 Abathembekileyo mabathokoze ngokunqoba, mabahlabelele ngentokozo. 6 Ukuphakamisa uNkulunkulu makube semilonyeni yabo, baphathe ngesandla inkemba ekhaliphe nhlangothi zombili, 7 ukuze baziphindiselele ezizweni, bajezise abezizwe. 8 Amakhosi abo bawabophe ngamaketanga, nabadumileyo babo, ngezibopho zensimbi, 9 ukuze babajezise ngesijeziso esilotshiweyo. Kuludumo kubo bonke abathembekileyo bakhe. Haleluya! |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa