Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 145 - IsiZulu 2020


Ukudumisa Ubukhulu Begama LikaSimakade
Indumiso kaDavide

1 Ngiyakuphakamisa Wena Nkulunkulu wami, Nkosi, ngilituse igama lakho phakade naphakade.

2 Imihla yonke ngiyakukubonga, ngilidumise igama lakho phakade naphakade.

3 USimakade mkhulu, umelwe ukudunyiswa kakhulu, ubukhulu bakhe abuqondakali.

4 Isizukulwane siyakuyibabaza kwesinye imisebenzi yakho, simemezele izenzo zakho zamandla.

5 Ngiyakuzindla ngenkazimulo nodumo lobukhosi bakho nangezimangaliso zakho.

6 Abantu bayakukhuluma ngamandla ezenzo zakho ezesabekayo, ubukhulu bakho ngiyakubumemezela.

7 Bayakugubha umkhosi bekhumbula ubuhle bakho obukhulu, bahube ngokulunga kwakho.

8 USimakade unobubele nobumnene, uyephuza ukuthukuthela, unomusa omkhulu.

9 USimakade muhle kubo bonke, uyayihawukela imisebenzi yakhe yonke.

10 Yonke imisebenzi yakho iyakukudumisa, abathembekileyo bakho bakubonge.

11 Bayokhuluma ngenkazimulo yombuso wakho,

12 ukuze babazise abantwana babantu izenzo zakho zamandla nenkazimulo yobukhosi bombuso wakho.

13 Umbuso wakho ungumbuso kuze kube phakade, ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane.

14 USimakade uyabaphasa bonke abawayo, abaphakamise bonke abathotshisiweyo.

15 Amehlo abo bonke alinda Wena; uyabanika ukudla ngesikhathi esiyiso.

16 Uyavula isandla sakho, usuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo.

17 USimakade ulungile ezindleleni zakhe zonke, unomusa emisebenzini yakhe yonke.

18 USimakade useduze nabo bonke abambizayo, bonke abambiza ngeqiniso.

19 Usuthisa ukufisa kwabamesabeyo, uyakuzwa ukukhala kwabo, abasindise.

20 USimakade uyabavikela abamthandayo, kodwa zonke izikhohlakali uyozibhubhisa.

21 Umlomo wami uyokhuluma ngodumo lukaSimakade, abantu bonke babonge igama lakhe elingcwele kuze kube phakade.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan