Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 14 - IsiZulu 2020


Ubuwula Nobubi Babantu
Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide

1 Isiwula sithi enhliziyweni yaso: “Akekho uNkulunkulu.” Bonakele, benza okunengekayo, akekho owenza okuhle.

2 USimakade uyababuka abantwana babantu esezulwini, ukubona ukuthi ukhona yini ohlakaniphileyo, ofuna uNkulunkulu.

3 Bonke baphambukile, bonke bonakele; akekho owenza okuhle, akukho namunye.

4 Abaqondi lutho bonke abenza okubi, abadla abantu bami sengathi badla isinkwa, bengakhuleki kuSimakade.

5 Bazoba nokwesaba okukhulu, ngoba uNkulunkulu umi naso isizukulwane sabalungileyo.

6 Niyaliphambanisa icebo lohluphekileyo, kodwa uSimakade uyisiphephelo sakhe.

7 Sengathi kungavela eZiyoni, lowo oyakusindisa u-Israyeli. Mhla uSimakade ephinda ebuyisa abantu bakhe ekuthunjweni, uJakobe makajabule, u-Israyeli athokoze.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan