AmaHubo 137 - IsiZulu 2020Ukukhala Kwabathunjwa Ngasemifuleni EBhabhele 1 Ngasemifuleni eBhabhele sahlala khona, sakhala, lapho sikhumbula iZiyoni. 2 Amahabhu ethu sawaphanyeka eminyezaneni eyayilapho. 3 Ngokuba ababesithumbile bacela ukuba sihlabelele ihubo, nabahluphi bethu bafuna ukujatshuliswa, bethi: “Sihlabeleleleni amanye amahubo aseZiyoni.” 4 Siyakulihlabelela kanjani ihubo likaSimakade sikwelinye izwe na? 5 Uma ngikhohlwa wena Jerusalema, isandla sami sokunene masikhohlwe ubuciko baso. 6 Ulimi lwami malunamathele olwangeni lwami, uma ngingakukhumbuli, uma ngingaphakamisi iJerusalema phezu kwentokozo yami enkulu. 7 Khumbula, Simakade, usuku lweJerusalema, ngenxa yabakwa-Edomi, abathi: “Dilizani, dilizani, kuze kube sesisekelweni salo.” 8 Ndodakazi yaseBhabhele, wena oyobhujiswa, ubusisiwe oyophindisela kuwe ngezenzo zakho owazenza kithina. 9 Ubusisiwe obamba izingane zakho aziphahlaze edwaleni. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa