AmaHubo 136 - IsiZulu 2020Ukubonga USimakade Nomusa Wakhe Omi Phakade 1 Bongani uSimakade, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade. 2 Bongani uNkulunkulu wonkulunkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade. 3 Bongani iNkosi yamakhosi, ngokuba umusa wayo umi phakade; 4 yona yodwa eyenza izimangaliso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 5 owenze izulu ngokuhlakanipha, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 6 owendlale umhlaba phezu kwamanzi, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 7 owenza izinkanyiso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 8 ilanga ukuba libuse emini, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 9 inyanga nezinkanyezi ukuba kubuse ebusuku, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 10 owabulala amazibulo abaseGibhithe, amazibulo alo, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 11 owamkhipha u-Israyeli phakathi kwabo, ngokuba umusa wakhe umi phakade, 12 ngesandla esinamandla nangezikhwepha, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 13 owehlukanisa kabili uLwandle Lomhlanga, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 14 owawelisa u-Israyeli phakathi kwalo, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 15 owachitha uFaro nempi yakhe oLwandle Lomhlanga, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 16 owahola abantu bakhe ehlane, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 17 owashaya amakhosi amakhulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 18 owabulala amakhosi adumileyo, ngokuba umusa wakhe umi phakade: 19 uSihoni, inkosi yama-Amori, ngokuba umusa wakhe umi phakade, 20 no-Ogi, inkosi yaseBhashani, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 21 owabapha izwe labo laba yifa, ngokuba umusa wakhe umi phakade, 22 laba yifa lika-Israyeli, inceku yakhe, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 23 owasikhumbula sinqotshwe yizitha zethu, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 24 owasikhulula ezitheni zethu, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 25 opha bonke abantu ukudla, ngokuba umusa wakhe umi phakade. 26 Bongani uNkulunkulu wezulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa