Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 135 - IsiZulu 2020


Indumiso KuSimakade Emagcekeni Edlu Yakhe

1 Haleluya! Dumisani igama likaSimakade; mdumiseni nina zinceku zikaSimakade,

2 enikhonza endlini yakhe, emagcekeni endlu kaNkulunkulu wethu.

3 Mdumiseni uSimakade, ngokuba Yena muhle, lihubeleni igama lakhe, ngokuba lihle.

4 Ngokuba uSimakade uziqokele uJakobe no-Israyeli, ukuba abe yifa lakhe.

5 Impela ngiyazi ukuthi uSimakade mkhulu, nokuthi iNkosi yethu ingaphezu konkulunkulu bonke.

6 Noma yini uSimakade ayithandayo uyayenza, ezulwini nasemhlabeni, emanzini nasezinzulwini zonke.

7 Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, enze imibani ibe yimvula, akhiphe umoya ezinqabeni zakhe.

8 Washaya amazibulo aseGibhithe, awabantu nawezilwane.

9 Wathumela izibonakaliso nezimangaliso phakathi kwakho, Gibhithe, phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke.

10 Washaya izizwe ezinkulu, wabulala amakhosi anamandla:

11 uSihoni, inkosi yama-Amori, u-Ogi, inkosi yaseBhashani, nemibuso yonke eKhanani.

12 Wathatha izwe labo laba yifa, laba yifa lika-Israyeli, isizwe sakhe.

13 Simakade, igama lakho limi ingunaphakade. Simakade, ukhunjulwa yizizukulwane ngezizukulwane.

14 Ngokuba uSimakade uyokwehlulela abantu bakhe, azihawukele izinceku zakhe.

15 Izithombe zabezizwe ziyisiliva negolide, umsebenzi wezandla zomuntu.

16 Umlomo zinawo, kepha azikhulumi, amehlo zinawo, kodwa aziboni.

17 Izindlebe zinazo, kepha azizwa, nomoya awukho emlonyeni wazo.

18 Abazenzayo bayafana nazo, bonke abazithembayo.

19 Wena ndlu ka-Israyeli, mbonge uSimakade, wena ndlu ka-Aroni, mbonge uSimakade.

20 Wena ndlu kaLevi, mbonge uSimakade, nina enimesabayo uSimakade, mbongeni uSimakade.

21 USimakade makabongwe eZiyoni, yena owakhe eJerusalema. Haleluya!

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan