AmaHubo 130 - IsiZulu 2020Umkhuleko Wokuthethelelwa Nokukhululwa Ihubo lokukhuphuka 1 Ngikhala kuwe Simakade ngiphansi otweni. 2 Nkosi, yizwa izwi lami; izindlebe zakho mazilalele izwi lokunxusa kwami. 3 Uma Wena Simakade ungaqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na? 4 Kepha ukuthethelela kukuwe, ukuze wesatshwe. 5 Ngizolindela uSimakade, umphefumulo wami uzolinda, ngiyalethemba izwi lakhe. 6 Umphefumulo wami ulindela iNkosi kunabalindi abalindela ukusa. 7 U-Israyeli makethembe uSimakade, ngokuba umusa ukuSimakade, nokukhulula konke kukuye. 8 Uyomhlenga u-Israyeli kuzona zonke iziphambeko zakhe. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa