AmaHubo 129 - IsiZulu 2020Mabajabhiswe Abazonda IZiyoni Ihubo lokukhuphuka 1 Bangihluphe kakhulu, kusukela ebusheni bami, makasho njalo u-Israyeli. 2 Bangihlupha kakhulu, kodwa abangehlulanga. 3 Kwaphambana imivimbo emhlane wami, kwangathi yimisele edatshulwe ngabalimi ensimini. 4 USimakade ulungile, uzinqumile izintambo zezikhohlakali. 5 Mabajabhiswe, babuyiselwe emuva bonke abazonda iZiyoni. 6 Mabafane notshani ophahleni, obubuna bungakakhuli. 7 Ovunayo akagcwalisi ngabo isandla sakhe, nobopha izinyanda, izingalo zakhe. 8 Abadlulayo mabathi: “Isibusiso sikaSimakade masibe phezu kwenu; siyanibusisa egameni likaSimakade.” |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa