AmaHubo 128 - IsiZulu 2020Isibusiso Sowesaba USimakade Ihubo lokukhuphuka 1 Ubusisiwe wonke umuntu owesaba uSimakade, ohamba ngezindlela zakhe. 2 Uyakudla okwezikhwepha zakho, ubusiseke, ube nempumelelo. 3 Umkakho uyakuba njengomvini othelayo emzini wakho, abantwana bakho babe njengezithombo zomnqumo, bahlale bazungeze itafula lakho. 4 Ngokuba iyobusiswa kanjalo indoda emesabayo uSimakade. 5 Sengathi uSimakade angakubusisa eseZiyoni, ubone impumelelo yeJerusalema, zonke izinsuku zokuphila kwakho, 6 ubone abantwana babantwana bakho. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa