AmaHubo 125 - IsiZulu 2020USimakade Uzungeze Abantu Bakhe Ihubo lokukhuphuka 1 Abamethembayo uSimakade bafana nentaba iZiyoni engenakunyakaziswa, kepha emi phakade. 2 Njengalokhu izintaba zizungeze iJerusalema, noSimakade ubazungeze kanjalo abantu bakhe kusukela manje kuze kube phakade. 3 Ngokuba intonga yezikhohlakali ayinakuhlala phezu kwesabelo sabalungileyo, funa abalungileyo benze okungalungile ngezandla zabo. 4 Simakade, benzele okuhle abalungileyo nabaqotho ezinhliziyweni zabo, 5 kodwa abaphambukela ezindleleni zabo ezigwegwileyo, uSimakade uzobaxosha kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa