Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 111 - IsiZulu 2020


Ukubabaza Izenzo Ezinhle ZikaSimakade

1 Makadunyiswe uSimakade! Ngiyakumbonga uSimakade ngenhliziyo yami yonke enhlanganweni nasebandleni labaqotho.

2 Mikhulu imisebenzi kaSimakade, bazindla ngayo bonke abayithokozelayo.

3 Ugcwele udumo nobukhosi umsebenzi wakhe, nokulunga kwakhe kumi phakade.

4 Wenze ukuba izimangaliso zakhe zikhunjulwe, uSimakade unomusa nobubele.

5 Abamesabayo ubapha ukudla, isivumelwano sakhe usikhumbula njalo.

6 Abantu bakhe ubabonise amandla emisebenzi yakhe, ngokubapha ifa labezizwe.

7 Imisebenzi yezandla zakhe yethembekile, futhi ilungile, yonke imithetho yakhe iqinisekile,

8 imiswe ngeqiniso nangobuqotho, ukuba ime ingunaphakade.

9 Wathumela ukuhlengwa kubantu bakhe, wamisa isivumelwano sakhe kuze kube phakade. IGama lakhe lingcwele, futhi liyesabeka.

10 Ukumesaba uSimakade kungukuqala kokuhlakanipha, banengqondo ehluzekile bonke abenza lokho. Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan