AmaHubo 108 - IsiZulu 2020Umkhuleko Wokunqoba Izitha Ihubo likaDavide 1 Inhliziyo yami yethabile, Nkulunkulu, ngizohlabelela, ngihube ngakho konke okwami. 2 Vukani, lugubhu nehabhu! Ngizakuvusa ukusa. 3 Simakade ngizokubonga phakathi kwabantu, ngikudumise phakathi kwezizwe, 4 ngokuba umusa wakho mkhulu phezu kwamazulu, ukwethembeka kwakho kufinyelela emafini. 5 Phakama Nkulunkulu, phezu kwamazulu! Mayibe phezu komhlaba wonke inkazimulo yakho. 6 Abathandekayo bakho mabakhululwe, sindisa ngesandla sakho sokunene, ungiphendule. 7 UNkulunkulu ukhulumile ebungcweleni bakhe, wathi: “Ngiyakwethaba, ngiyakulidabula iShekhemi, ngisilinganise isigodi iSukhothi. 8 Ngowami uGileyadi, ngowami uManase, u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami, uJuda uyintonga yami yokubusa. 9 UMowabi uyisitsha sami sokugezela; phezu kuka-Edomi ngiphonsa isicathulo sami; phezu kweFilistiya, ngimemeza ngokunqoba.” 10 Ngubani oyakungiyisa emzini oyinqaba na? Ngubani oyakungiholela kwa-Edomi na? 11 Akunguwe yini Nkulunkulu osilahlileyo na? Nkulunkulu, awusaphumi nezimpi zethu. 12 Siphe ukuba sisizakale ekuhluphekeni, ngokuba ukusiza komuntu kuyize. 13 NgoNkulunkulu siyakwenza izenzo zamandla, Yena uyofihliza izitha zethu. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa