AbAhluleli 20 - IsiZulu 2020U-Israyeli Uzilungiselela Ukuya Empini 1 Abantu bakwa-Israyeli baphuma kusukela kwaDani kuya eBheri Sheba, nakwaGileyadi, babuthana eMizpha kwaba ngathi ngumuntu munye, phambi kukaSimakade. 2 Abaholi babo bonke abantu, bazo zonke izizwana zakwa-Israyeli, babekhona emhlanganweni wabantu bakaNkulunkulu, amabutho ahamba ngezinyawo ephethe izikhali ayeyizi-400 000. 3 Abozalo lukaBhenjamini bezwa ukuthi abantu bakwa-Israyeli bakhuphukele eMizpha. Abantu bakwa-Israyeli bathi: “Sitshele, lobu bubi benzeke kanjani, na?” 4 UmLevi, umyeni wowesifazane owabulawa, waphendula wathi: “Ngafika eGibheya kwaBhenjamini, mina nesancinza sami, ukuba silale khona ngalobo busuku. 5 Izakhamuzi zaseGibheya zangivukela, zazungeza indlu ebusuku. Zaziqonde ukungibulala; zadlwengula isancinza sami saze safa. 6 Ngasithatha isancinza sami, ngasinquma izinqamu, ngazithumela ezifundeni zonke eziyifa lakwa-Israyeli, ngokuba izakhamuzi zenze ububi nobuwula obuyihlazo kwa-Israyeli. 7 Bhekani Israyeli, nonke ngothi lwenu, vezani uvo lwenu, nikhiphe iseluleko khona manje.” 8 Bonke abantu basukuma njengamuntu munye, bathi: “Sonke asiyukuphindela emathendeni ethu, akekho namunye ozakubuyela endlini yakhe. 9 Kepha manje yilokhu esizokwenza ngeGibheya: sizokwenza unkatho, sikhuphukele kulo silihlasele. 10 Siyothatha amadoda alishumi kwayikhulu kuzo zonke izizwana zakwa-Israyeli, nayikhulu kwayinkulungwane, nayinkulungwane kwalishumi lezinkulungwane, ukuba ahlinzeke amabutho ngokudla, azohamba ayophindisela eGibheya kwaBhenjamini ngalobu buwula obuyihlazo ababenzile kwa-Israyeli.” 11 Wonke amadoda akwa-Israyeli abuthana ukuze ahlasele umuzi, ehlangene eyimbumba. 12 Izizwana zakwa-Israyeli zathuma abantu kuso sonke isizwana sakwaBhenjamini, zathi: “Bubi buni lobu obenziwe phakathi kwenu, na? 13 Manje, lethani lezo zigilamkhuba eziseGibheya ukuze sizibulale, sisuse ububi kwa-Israyeli.” Kodwa abakwaBhenjamini abafunanga ukulalela abafowabo bakwa-Israyeli. 14 AbakwaBhenjamini babuthanela eGibheya bevela emizini, ukuze baphume bayolwa nabakwa-Israyeli. 15 AbakwaBhenjamini ababalwa ngalolo lusuku babengamadoda ayizi-26 000 ahlome ngenkemba, aphuma emizini yakhona, zingabaliwe izakhamuzi zaseGibheya. Amadoda abalwa, akhethwa ayengama-700. 16 Kuwona wonke lowo mbutho, kwakukhona amadoda angama-700 ayeqokiwe engamanxele wonke, ayekwazi ukunemba ngetshe, angageji. 17 Abakwa-Israyeli, ngaphandle kwabakwaBhenjamini, baba ngamadoda ayizi-400 000 ayehlome ngenkemba, wonke kungamaqhawe. 18 Abakwa-Israyeli baqhubeka, benyukela eBhethele, lapho babuza khona kuNkulunkulu, bathi: “Ngubani phakathi kwethu ozokhuphuka kuqala ukuba alwe nabakwaBhenjamini na?” USimakade wathi: “NguJuda ozokhuphuka kuqala.” 19 Abakwa-Israyeli bavuka ekuseni, bakanisa ngaseGibheya. 20 Abakwa-Israyeli baphuma ukuyolwa nabakwaBhenjamini, bama ngezinhla zabo, balwa nabo eGibheya. 21 AbakwaBhenjamini baphuma eGibheya, babulala ngalolo lusuku abakwa-Israyeli abayizi-22 000. 22 Abantu, amadoda akwa-Israyeli, baqunga isibindi, babuye bayihlela ngezinhla zayo impi lapho babeyihlele khona ngosuku lokuqala. 23 Abakwa-Israyeli bakhuphuka, bayokhala phambi kukaSimakade kwaze kwaba kusihlwa; babuza kuSimakade, bathi: “Siphinde yini sisondele kubafowethu bakwaBhenjamini siyolwa nabo, na?” USimakade wathi: “Khuphukani, nilwe nabo.” 24 Abakwa-Israyeli basondela kwabakwaBhenjamini ngosuku lwesibili. 25 AbakwaBhenjamini baphuma eGibheya ukuyolwa nabakwa-Israyeli ngosuku lwesibili, babulala abayizi-18 000 zamadoda akwa-Israyeli ayehlome ngenkemba. 26 Abakwa-Israyeli, yonke impi, babuyela eBhethele, bakhala, behleli lapho phambi kukaSimakade, bazila ukudla ngalolo lusuku kwaze kwaba kusihlwa. Base benikela phambi kukaSimakade ngemihlatshelo yokushiswa nangemihlatshelo yokuthula. 27 Abakwa-Israyeli babuza kuSimakade ngokuba umphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu wawulapho ngalezo zinsuku, 28 noFinehasi, indodana ka-Eleyazare ka-Aroni, wayemi phambi kwawo ngalezo zinsuku, bathi: “Siphinde yini siphume siyolwa nabafowethu bakwaBhenjamini noma siyeke, na?” USimakade waphendula wathi: “Khuphukani, ngokuba kusasa ngizobanikela esandleni senu.” 29 Abakwa-Israyeli babeka amadoda azungeza iGibheya, alilalela unyendle. 30 Abakwa-Israyeli base bekhuphuka bayolwa nabakwaBhenjamini ngosuku lwesithathu, bazihlela ngezinhla njengakuqala, balwa neGibheya. 31 Lapho abakwaBhenjamini bephuma ukuyokulwa nabakwa-Israyeli, yabaheha eyakwa-Israyeli ukuba baqhele emzini. AbakwaBhenjamini baqala ukubulala, nokulimaza amabutho, kwasala amadoda angama-30 akwa-Israyeli enkundleni, emigwaqweni, nasendleleni eqonde eBhethele naseGibheya. 32 AbakwaBhenjamini bathi: “Bayawa ngenkemba phambi kwethu njengakuqala.” Kodwa abakwa-Israyeli bona bathi: “Masihlehle, yikhona sizobandonsela kude nomuzi, baye emigwaqweni.” 33 Impi enkulu yakwa-Israyeli yasuka endaweni yayo, yazihlela ngezinhla zayo eBheli Thamari. Ababebalalele unyendle bavumbuka lapho babekhona eGebha. 34 Kweza malungana neGibheya amadoda ayizi-10 000 ayekhethwe kuwo wonke u-Israyeli. Impi yayinzima kakhulu, kodwa abakwaBhenjamini babengaboni ukuthi ingakanani inhlekelele eyayizobehlela. 35 USimakade wabanqoba abakwaBhenjamini phambi kuka-Israyeli. Abakwa-Israyeli babhubhisa amadoda akwaBhenjamini ayizi-25 100, wonke ayehlome ngenkemba. 36 AbakwaBhenjamini babona ukuthi sebenqotshiwe. Abakwa-Israyeli bona babavulela indlela yokubaleka abakwaBhenjamini, ngoba bethemba amabutho ababewabeke ukuba abalalele unyendle ngaseGibheya. 37 Amabutho ayebhacile, agijimela eGibheya ngokushesha, ayesewubhubhisa wonke umuzi ngenkemba. 38 Isivumelwano phakathi kwababebhacile nempi yakwa-Israyeli kwakungukuthi lapho bebona isikhatha sentuthu sivela emzini, 39 yonke impi enkulu yakwa-Israyeli iyophenduka ibuyele empini. Kodwa abakwaBhenjamini baqala ukubulala nokulimaza abakwa-Israyeli; kwathi sebebulele amadoda angama-30, bathi: “Impela banqotshiwe phambi kwethu njengasekuqaleni.” 40 Kepha lapho isikhatha sentuthu siqala ukukhuphuka sivela emzini, abakwaBhenjamini babheka emuva; bheka, isikhatha sentuthu sibheke esibhakabhakeni sivela kuwo wonke umuzi. 41 Impi enkulu yakwa-Israyeli yabe isiphenduka ihlasela. AbakwaBhenjamini bashaywa luvalo, ngokuba babona ukuthi inhlekelele isibehlele. 42 Ngakho-ke babaleka phambi kwabakwa-Israyeli, bemba bembulula belibhekise ngasehlane, kodwa impi yabafica labo ababevela ngasemzini, bababulala phakathi kwayo. 43 Babazungeza abakwaBhenjamini nxazonke, babahubha, bababhuqabhuqa ngenkemba kwaze kwaba maqondana neGibheya, ngasempumalanga. 44 Kwafa abayizi-18 000 bakwaBhenjamini, bonke kwakungamaqhawe anesibindi. 45 Lapho bephenduka bebalekela ehlane, edwaleni likaRimoni, kwacoboshiswa abayizi-5 000 emigwaqweni emikhulu. Baxoshwa kwaze kwaba seGidomi, kwabulawa izi-2 000 zabo. 46 AbakwaBhenjamini ababulawa ngalolo lusuku kwakungamadoda ayizi-25 000 ayehlome ngezinkemba, futhi wonke engamaqhawe. 47 Kepha angama-600 aphendukela ngasehlane, abalekela edwaleni likaRimoni, ahlala lapho izinyanga ezine. 48 Ngaleso sikhathi, abakwa-Israyeli baphindela emuva, babulala ngenkemba abakwaBhenjamini ababesemzini: abantu, izilwane, nakho konke okwakusele, ngisho nemizi eyayisele bayithungela ngomlilo. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa